UKUKHATHAZEKA ngendlela abantu abathanda ngayo izindaba ezingakhi nezidicilela phansi isithunzi sabanye ezijwayele ukubhalwa ezinkundleni ezisabalalisa umgosi, kuholele ekutheni abe nevuso lokuvula iPodcast ezofundisa abantu ngezinto eziyingxenye yempilo ezingabakha.
UNksz Zandile Mfeka wasOsindisweni, oyi-Academic Programme Manager eMancosa Educational Institution eThekwini, obeneYoutube channel ekhipha umgosi oshisayo ngosaziwayo, usanda kushintsha le channel yakhe wayenza iPodcast ayibiza ngeMeaningful Conservation with Zandy Mfeka.
Uthe sekunesikhathi esebenzisa izinkundla zezokuxhumana ukuze asabalalise ulwazi asuke efisa ukuludlulisela kubantu.
Uke wasebenzisa yona iYoutube efundisa, eqashwe ngesinye isikhungo esizimele obekufundwa kuso uhleli ekhaya.
“Izindlela ezazisetshenziswa zazibuye zibe nenkinga ngingakwazi ukuxhumana nezitshudeni zami, ngase ngiqala iYoutube channel okungena kuyo izitshudeni zami kuphela.
“Sengibonile ukuthi le ndlela iyasebenza kulapho ngivule eyomgosi ukuze ngithole abalandeli abaningi," esho ehleka.
Uthe ubenenye inhloso kungekona nje ukufuna ukuba nabalandeli abaningi njengoba kwenza abantu abenza icontent.
"Bengifuna ukuthi ngithi uma senginesibalo esithile sabalandeli bese ngiyashintsha njengoba ngenzile ngoba ngikholwa ukuthi sengikhulile kulo mkhakha futhi sengiyaziwa.
“KwiPodcast sengiqhamuka nezihloko ezifundisa umphakathi ngezinto ozibonayo kodwa ongaziqondi noma okhetha ukuzichaza ngendlela yawo engesilona iqiniso.
“Njengokuthi nje emphakathini sinabantu abathandana nabobulili obufana nobabo. Emiphakathini yethu akekho ozihlupha ngokuthi kusuke kwenzekeni ukuze sichazeleke kahle, siqonde.
“Izihloko ezinjengalezi lapho engikhiphela eshashalazini abazazi kangcono lezi zihloko okungabayiphilayo le mpilo, ngibuye ngibe nabezempilo abazochaza ukuthi kusuke kwenzekani," kuchaza uNksz Mfeka
Uthe njalo ngenyanga uyabheka ukuthi yini ebalulekile eyenzekayo. Kule nyanga uzobheka kabanzi i-Autism ngokukhuluma nabazali abanezingane ezinayo aphinde athole ongoti bezempilo abazochaza uhlangothi lwezempilo.
"Emphakathini wethu uma ingane ine-autism kuye kuthiwe iyahlanya noma kushiwo ezinye izinto ezithinta idlozi. Ngokulandelayo ngiyafisa nokuthi ngikhiphele bona abantu abane-Autism eshashalazi, ababenhlanhla bafunda ngibheke ukuthi benza miphi imisebenzi,“ kuqhuba uNksz Mfeka.
Udalule ukuthi okwenziwa iPodcast yakhe ukukhiphela eshashalazini abantu abenza imisebenzi engajwayelekile kubantu abamnyama bachaze ngawo, bakhiphe nolwazi lokuthi uma ufisa ukungena kuwo ungena kanjani.
Ubuye ajabulise umphakathi ngokufaka abaculi abangadumile bacule ukuze abathanda umculo bajabule.
"Okunye engisahlela ukuthi ngikwenze wukugqugquzela izitshudeni ezingayitholi imisebenzi ukuthi zisebenzise amakhono azo, ziqale amabhizinisi kodwa kusenzima ngoba kuzodinga ukuthi ngithole abaxhasi," kusho yena.
Uthe uyazi ukuthi ukubukwa kwale-Podcast ngeke kukhule njengoba bekwenzeka ngesikhathi esakhipha umgosi.