UTHANDO lwezingane nokuqonda ukuthi abantwana babhekana nezimo ezahlukene, ezinye zazo okuba nzima ukuzixazulula ngokwazo, kumfikisele ngomcabango webhizinisi elibasizayo.
UNkk Zamadunga Mchunu usungule Uthingo Kids and Salon Spa, ibhizinisi eligxile ekubhucabhuceni izingane futhi azenzele ama-picnic okuthi zidle, zijabule ukuze zingabi nokhwantalala.
Lo somabhizinisi waseThekwini, uthe eqala leli bhizinisi ngo-2020 beliwumahambanendlwana, lakhula wagcina esenendawo yokusebenzela esePinetown, waqasha abasebenzi abayisithupha.
“Okunye ebengihlose ukukwenza wukujwayeza izingane izinto ezinhle njengalezi zisencane ukwenza zikhule zizejwayele ikakhulu ezamantombazane ukusiza kungabi lula ukuluthwa ngabantu ngazo ngoba zikhule zingejwayele, ukwenzelwa zona,” kusho uNkk Mchunu.
Eqhuba, uthe ibhizinisi lakhe lisiza kakhulu ukuqinisa ubudlelwano bomntwana nomzali ngoba ubacela babe khona abazali uma sebelethe izingane zabo kuyena.
“Kulekelela kakhulu futhi izingane ukuqeda ukhwantalala, kwenze zikhohlwe izinkinga ezahlukene ezibhekana nazo emakhaya. Zithola ithuba lokudlala nokukhululeka,” usho kanje.
Eqhuba, uthe uma sebenza umsebenzi wabo, bashutha izithombe bazifake ezinkundleni zokuxhumana ukusiza ukudoba amakhasimende ezindawo ezahlukene.
Eqala lo msebenzi ubengazi lutho olutheni ngawo, wasizwa wukuzihlupha ngolwazi lokuwenza esebenzisa i-internet.
“Nokho akuhlale kumnandi ebhizinisini ngenxa yokuthi amanye amakhasimende awasigcini isikhathi, okudala ukuthi kwesinye isikhathi anqwabelane, singakwazi ukuqeda umsebenzi ngesikhathi, njengoba esuke engenaso isineke sokulinda.
“Okunye futhi okusayinkinga wukuthi angikakwazi ukonga nokubeka imali engiyenza ebhizinisini, ngenxa yokuthi angifundiswangwa wumuntu ngalokho,” kusho yena.
Uthe ebhizinisini lakhe ubiza u-R250 ukubhucabhuca ingane ngayinye, kube wuR140 uma ikhasimende elifike nezingane eziyishumi kuya phezulu.
Mayelana nezinhlelo zengomuso, uNkk Mchunu uthe ufisa ukukhulisa inkampani yakhe, igcine isinamagatsha amaningi ezindaweni ezahlukene ukuze kube lulu ukuthola amakhasimende akude nalapho ezinze khona.