UKUFUNDISA ingane ukupheka kumele kube yingxenye yezifundo izingane ezifundayo ukuze ibe nawo wonke amakhono.
UChef Saneh Kheswa wenkampani ephekela imicimbi iphinde ibe namakilasi okupheka nokubhaka, Ekhishini, esePinetown, uthe izingane eziningi uma ziphuma ezikoleni ziya emakilasini okufunda ukubhukuda, awokudlala ibhola likanobhujuzwayo, awokudweba, awebhola lomqakiswano nokunye kodwa ukufunda ukupheka akuyona ingxenye yalawo makilasi ngoba abantu abaningi bacabanga ukuthi akulona ikhono ingane okumele ilifunde ngaphandle kwasekhaya.
Uthe ngokubona kwakhe ukupheka kungelinye ikhono ingane okumele ilufunde isencane ukuze kubonakale ukuthi ikhono layo lingakuphi, njengoba yena eqala ezinganeni ezineminyaka eyisikhombisa ukufundisa ukupheka.
Uthe lokhu wakucatshangiswa ukuthi indodakazi yakhe u-Anathi esineminyaka ewu-12, yayikhombisa ukulangazelela ukufunda ukupheka isencane kodwa elokhu engafuni.
"Ukuphokophela kwakhe kwangenza ngafikelwa umcabango wokuthi cishe omama abaningi benza okufanayo emakhaya ngoba abanaso isikhathi. Basuke bephuma emisebenzini bekhathele, bejahe ukuthi bapheke baqede bese beyaphumula futhi bezitshela ukuthi basebancane ukuthi bangapheka," kusho yena.
Uthe waqala amakilasi okufundisa izingane ngo-2016 kodwa ubengawenzi njalo kodwa manje aseba ngezinsuku okufundwa ngazo, abafundi baphuma ezikoleni bazofunda ukupheka nokubhaka.
"Ngeke ukholwe ukuthi izingane zikuthanda kanjani ukuba sekhishini. Abancane bafunda ukuhlobisa amakhekhe noma ukudla kuye ngeminyaka yabo. Uma iminyaka yabo isivuma baqala ukufunda ukuthi kwenziwa kanjani ukudla abakuphatha ezikoleni. Lokho kusiza kakhulu ekutheni ingane iphathe into eyithandayo, ingabuyi nokudla esikoleni. Ngesikhathi ifunda lokhu ifunda ukuhlanganiswa kwemifino nezaqathe, izithelo nemisoco etholakala kuzo ezizoyisiza ngesikhathi isekilasini. Kuba lula ukuthi ingane yazi ukuthi ngesinye isikhathi ayidleli ubumnandi, idlela ukuthi inakekele umzimba wayo iwondle ngezinto eziwumsoco, iphinde iwelaphe ngazo,“ usho kanje.
Uqhube wathi izingane eziningi ziyazifela ngePizza, zijwayele ukuhlupha abazali zifuna ithengwe, yena uyazifundisa ukuthi zingazenzela kanjani ekhaya nokuthi izithako zayo ungazishintshashintsha kanjani.
Uthe ezinye izingane sisebenzisa lelo khono ezilifunde kuye zizivulele amabhizinisi okudayisa ama-cupcakes nama-dessert zisafunda.
"Ikhono lokukwazi ukuzenzela imali ngokupheka noma ukubhaka libalulekile noma kungathiwa ingane ayizugxila kulo mkhakha. Abazali akumele bakhathazeke uma ingane ibuye ishintsha isifuna ukwenza okunye ngoba vele izingane zinjalo, kuyindlela ezifunda ngayo, nakwezemidlalo zenza njalo," kusho yena.
Uthe phakathi kwezinto ezifundayo ekilasini lezingane lokupheka nokubhaka, ukwenza igilosa, ukubamba ummese, ukuhlanganisa izithako, ukubaluleka kokukala konke okufaka ebbodweni, hhayi ukukala ngamehlo, ukonga izithako, ukutshala ama-herbs owasebenzisa njalo uma upheka, ukubhaka, ukuhlobisa nokuye.