USOLWAZI waseNyuvesi yaKwaZulu-Natal (UKZN) ungomunye wokhomishana abazobe beluleka besebenzisa ulwazi abanalo engqungqutheleni yeHIV eqhubekayo eGermany.
USolwazi Nombulelo Magula, wophiko olufundisa ngokwelapha nolufundisa odokotela e-UKZN, uzobe engomunye wokhomishana abazobe bethula umbiko engxenyeni yengqungquthelela yeHIV, egxile ekwelashweni kwe-HIV emadolobheni, i-International Association of HIV Providers of Aids -Lancet HIV Commission.
Uzobe eluleka ngomunxa ogxile ezindleleni ezisetshenziswe emadolobheni enza kahle ezinhlelweni zokwelapha iHIV.
USolwazi Magula uzobe ethula umbiko ngezinhlelo zikaMasipala weTheku njengoba leli dolobha lingelinye lamadolobha anezinhlelo ezinemiphumela emihle yokwelapha iHIV. Uzophinde anikeze izethameli zale ngqungquthela eziphuma komasipala abangaphezulu kuka-550 - abazobe beyingxenye yale khomishini - izeluleko ngokungenziwa ngabanye omasipala.
Ikhomishini ye-Lancet HIV yasungulwa ukuze ihlole iphinde yenze izincomo ezingenziwa ukuze kuthuthukiswe izinhlelo zokubhekana ne-HIV emadolobheni ngo-2014. Umsebenzi wale khomishini ukusekela nokubheka ukuthi izinhlaka ezehlukene zisebenzisana kanjani emadolobheni angu-550 abonakala enezinhlelo ezihlabahlosile zokulwa naleli gciwane.
Ephawula ngokuqokwa kwakhe ekutheni abe ukhomishana ozobe engusihlalo kweminye iminxa yale ngqungquthela, uthe kuyintokozo enkulu kuye ukuthi athole ithuba lokuthi ashiyelane inkundla nabanye okhomishana bamazwe ehlukene emhlabeni abayingxenye yokulwa neHIV.
"Kubalulekile ukuthi izinhlelo ezikhona zokulwa neHIV emadolobheni, zibeke eqhulwini okubhekelele umuntu ngamunye, zigcinwe ukuze kuhlale kunomgqigqo owodwa," kusho uSolwazi uMagula.