INTOKAZI yaseMgungundlovu, uNkk Nompilo "The Powerhouse" kaYeyeye Gumede, inyelwe yinyoni esandleni njengoba izomela iNingizimu Afrika emqhudelwaneni, iSHE Awards oseNairobi, eKenya, ngoNovemba.
UNkk Gumede oyi-CEO ye-Women in Business nongumsunguli we-Cava Business Solutions uqokwe emkhakheni we-Founder of the Year ngenxa yamagalelo akhe efukuleni abantu besifazane emikhakheni ehlukene.
"Ngithobekile ngokuqokwa kwami kulo mqhudelwano ngoba bengingazi ukuthi kunabantu abawuqaphelayo umsebenzi engiwenza ebhizinisini lami nsuku zonke."
UNkk Gumede akazohlonishwa ngaphandle kwakuleli kuphela kodwa nakuleli bayawabona amagalelo akhe.
Usephinde wakhethwa ukuba abe ngomunye wabantu besifazane abangu-100 abavelele kuleli, abazochonywa uphaphe , i-Top 100 Influential Women Awards eSibaya Casino eThekwini, ngenyanga ezayo.
Uthe ukuhlonishwa kwakhe esaphila kudalwa ukusebenza kwakhe ngokuzikhandla nasekuzibophezeleni ekuthuthukiseni abantu besifazane nentsha.
Uqhube wathi konke lokhu ukwenza ngaphandle kokubheka inzuzo kodwa usuke eqhutshwa wukuthanda abantu.
UNkk Gumede uyinkosazane yeNkosi yaseJolivet, uLinda Mkhize noNdlunkulu uNtombifuthi uMaDubazane. Uzalelwe eNkandla kodwa wakhulela eMseleni, KwaMhlabuyalingana naseSikhaleni. Ufunde eThalaneni LP, eNkandla, wadlulela eMseleni LP naseGcinukuthula Secondary ngaphambi kokuphothula uGrade 12 eKhula High, eSikhaleni.
Uqale ukusebenza eKZN Wildlife unyaka owodwa ngaphambi kokuqeqeshelwa ukuba yi-Accountant eHavard House Chartered Accountant iminyaka emithathu. Usebenze e-preformed Line Products iminyaka eyisishiyagalolunye nasePrilla unyaka owodwa.
UNkk Gumede ushiye phansi ukusebenzela umlungu, wabe esezisebenza. Kusukela lapho akaphindanga wabheka emuva.
Uthe ukungakuthandi ukubona abantu besifazane becekelana phansi kwamgqugquzela ukuba asungule inhlangano iBuilding a Powerhouse ngo-2019.
Ngesikhathi kuqubuka iCovid 19, wasungula uhlelo ezinkundleni zokuxhumana lapho babecobelelana ngolwazi lwezinto ezehlukene Uthe babekhulisana emikhakheni ehlukene okubalwa kuyo ukukhulisana ngokomoya nokucobelelana ngolwazi ngabangakwenza uma behlaselwa isifo sengqondo.
UNkk Gumede ubuye waqokwa yi-National Youth Development Agency (NYDA) ukuba acije ozakwabo nyakenye wabuye waba ingxenye yekomiti leThemba Projects Finance ethuthukisa abesifazane ngolwazi lwemali.
UNkk Gumede ushade noMnuz Thulani kaYeyeye Gumede kanti babusiswe ngabafana ababili, u-Anesu noMhlengi.