UKUBAMBISANA nokuzihlupha ngolwazi lwamathuba okuchuma kwezamabhizinisi kugcine kuthela izithelo ezinhle kwabesifazane abahlanu abangomakhelwane baKwaXimba, eCato Ridge. Imbhokodo iqale ibhizinisi lemikhiqizo eyahlukene yobisi.
Abesifazane bangoNkk Ncamisile Mbeje, Nkk Busangani Shezi, Nkk Susani Mngwengwe, Nkk Nomathamsanqa Nxele noNksz Mandisa Mthimkhulu, bangabanikazi benkampani Ulozolo Ubumnandi Cooperative, baqale ukusebenza kuyona ngo-2022.
Elandisa ngohambo lwabo kwezamabhizinisi, uNkk Mbeje uthe njengoba bonke bengomakhelwane endaweni, bavame ukuhlangana benze amabhizinisi ehlukene ukuzama ukuziphilisa nokungabi wumthwalo kwabanye abantu, ikakhulu abayeni babo.
“Saqale sahlangana endaweni, senza ibhizinisi lokubhaka amakhekhe, okwathi ngokuqhubeka kwesikhathi lawa ngenxa yendlala yamakhasimende. Nokho besingamile ngoba besihlale sizihlupha ngolwazi lwezamabhizinisi,” kusho uNkk Mbeje.
Uqhube wathi kwathi ngelinye ilanga elalele uhlelo lwezolimo emsakazweni uKhozi FM, wezwa kukhulunywa ngamathuba oMnyango wezoLimo okufundisa ngokusebenzisa ubisi ukwenza imikhiqizo yokudla.
“Yilapho engazisa khona ozakwethu, saqala sacijwa kulolu hlelo isonto lonke, sifundiswa ukwenza umsebenzi. Asipholisanga maseko ngemva kwalokho, saqala ibhizinisi lethu. Ngikhumbula kahle ukuthi saliqala ngomkhiqizo wamasi, esasihamba singena imizi ngemizi, sisizwa abantu, nangempela bawathanda, sase siqhubeka lapho sengenza nge-yoghurt noshizi,” usho kanje uNkk Mbeje.
Uthe nakuba ibhizinisi labo likhula kodwa inselelo enkulu abanayo wukuthi uma beyothenga ubisi eHowick, lapho belu-oda khona, bayashayeka kakhulu ephaketheni. Okunye ukuthi abakakwazi ukwenza umkhiqizo omningi kakhulu, okwenza bengakwazi ukwamukela ama-oda amaningi abawatholayo esifundazweni.
“Kumanje kunezikole ezisicela ukuthi sizidayisele amasi esiwenzayo, nabanye abantu abasithintayo, becela umkhiqizo wethu owehlukene, kepha esingezuku kukwazi ukuthi sifinyelele kubona kuze kube wukuthi sesinemishini emikhulu yokusebenza, nemali eyanele ukwenza ama-oda obisi,” kusho uNkk Mbeje.
Amasi oLozolo abiza u-R35 kuya ku-R75, kuthi i-yoghurt no-cheese kubize u-R35 ngakunye. UNkk Mbeje unxuse izinhlaka zikahulumeni ukuthi zifake isandla ukuze bakwazi ukuchumisa ibhizinisi labo, okuzosiza ukuthi kusabalale imikhiqizo yabo esivele ihloliwe futhi yagunyazwa ngabezempilo ukuthi idayiswe.