UNEMINYAKA ewu-24 yobudala kodwa uthi lokhu kuba mncane ngeminyaka akuzange kumvimbe ekutheni aphuphe ngokuba ngusomabhizinisi ovelele nophumelelayo.
UNksz Thandiswa Ngubo ongowokuzalwa eXobho, ungumnikazi wendawo kanokusho iBistro Babe Boutique, eDurban North. Ungena kuleli bhizinisi nje, ubenelinye lezikhwama zabesifazane abelenza esebenzisa ezobuchwepheshe ukuzidayisa, iClassy Babe Boutique aliqala ngo-2020.
Ngo-2022 wezwa ngendawo edayisayo, ayezitshela ukuthi yayizolungela ukudayisela izikhwama zakhe kuyona.
Yilapho ashintsha khona umqondo esethola ukuthi indawo ayefuna ukuyithenga ngelungele ibhizinisi lokudla, wanquma ukuqala ibhizinisi lesibili i-The Beach Bistro, eselichuma manje ngoba aligcini ngokudayisa ukudla kuphela. Uthe wakhokha uR48 000 ukuthenga ifenisha nokunye akusebenzisayo akufica kuyona.
Elandisa Isolezwe nge-The Beach Bistro, uNksz Ngubo uthe yindawo yokudlela encane nelungele izithandani ngenxa yendlela ehleleke ngayo.
“Okunye okuhle ngayo wukuthi sikwazi ukuhlela imicimbi emumatha abantu abambalwa njengama-baby shower kosuke ekhulelwe, nama-picnic ezithandani noma abangani, okungezinye zezinto ezenza sehluke kwabanye abantu abanamabhizinisi okudla njengathi,” usho kanje.
Eqhuba, uthe nakuba ibhizinisi lakhe lingakabi ngakufisayo kodwa liza kahle njengoba eseqashe izisebenzi ezimbili ngokugcwele nezintathu eziyitoho, okuyizitshudeni ezimlekelela ngezimpelasonto uma kunamakhasimende amaningi.
“Nokho akuhlale kumnandi njengoba kubuye kube nendlala yamakhasimende, nokuthi ukuba mncane njengoba ngizohlanganisa u-24 kule nyanga, kwenza ukuthi abanye abasebenzi babuye bangeye okudala ukuthi umsebenzi ungahambi kahle kwezinye izinsuku,” kuchaza uNksz Ngubo.
Ephetha, uthe ufuna ukukhulisa i-The Beach Bistro, yaziwe ngabantu abaningi futhi agcine engenisa ngayo ezindaweni ezahlukene ngokuhlela imicimbi eyahlukene.