UKUSHESHA kwabesifazane ukuthatha umhlalaphansi eNingizimu Afrika kuholela ekutheni balahlakelwe u26% wemali yempesheni etholwa ngabesilisa abalingana nabo.
Lokhu kuvezwe ucwaningo olwenziwe iStellenbosch University muva nje olubizwa ngeWomen Report 2022: Women and Fiscal Policy.
Kulolu cwaningo uNkk Lindiwe Sebesho oyilungu lesigungu esiphezulu kwiSouth African Reward Award (SARA), nombhali wezincwadi ezibheka indlela imiholo emi ngayo, uthe: “ Kunezinto eziningi okumele zibhekwe uma kubhekwa udaba lweminyaka ebekelwe abesifazane bakuleli ukuthi bangathatha ngayo impesheni.
" Yize umthetho ubabhekela abantu besifazane ekutheni bahole iholo elilingana nozakwabo besilisa uma benza umsebenzi ofanayo. Lolu hlangothi lokuthi bona basheshe bawuthathe umhlalaphansi lubenza bangalingani nabesilisa,“ kusho uNkk Sebesho.
UNkk Sebesho, uthe ngokujwalekile abesifazane baphila isikhathi eside kunamadoda, ngakho badinga imali ethe xaxa yokuthi baphile uma sebedla endala.
"Isikhathi esibekiwe sokuthi abasebenzi bangathatha ngaso umhlalaphansi iminyaka engu-63. Iningi labesifazane lifika kuleyo minyaka lingakabi nemali eyenele yokuthi selingathatha umhlalaphansi," kusho yena.
Uqhube wathi ngokwe-United Nations Gender Pay Gap ukungalingani kwamaholo phakathi kwabesilisa nabesifazane eNingizimu Afrika kunomehluko ongu-32.5% uma kubhekwa iholo ngenyanga abesifazane bahola imali engaphansi kweyamadoda ngo-20.1% ngehora.
" Ukungalingani kwamaholo kukhona nakwabesifazane abakwazi ukufinyelela ezikhundleni zokuphatha emisebenzini abayenzayo," kusho uNkk Sebesho.
Uthe uhlelo olubheka ukuqashwa kwabesifazane nabesilisa eNingizimu Afrika, iSA Quaterly Labour Force Survey, luveza ukuthi u54.3% wabantu besifazane abaqashiwe, abesilisa abaqashiwe bangu-64.9% .
" Abesifazane bajwayele ukuqashwa ezimbonini lapho kugcinwa khona impahla ngaphambi kokuya ezitolo (wholesales), ezitolo ezidayisa ukudla nempahla noma ezikhungweni zomphakathi. Uma bengaqashiwe ngokugcwele akukho okufakwa abaqashi esikhwameni sabo sempesheni. Ngaphezu kwalokho abesifazane kunamathuba amaningi okuthi bame emsebenzini ngoba kumele banakekele umndeni, beyobeletha, banakekele izingane uma zigula. Konke lokhu kwenza ukuthi kwehle imali abazoyihola ekubeni amadoda kungalindelekile ukuthi enze lokhu. Iholo lawo alithola liphelele," kusho uNkk Sebesho.
Uphakamise ukuthi kube nezindlela zokulondoloza noma zokwengeza imali yomhlalaphansi ngesikhathi sekhefu lokuyoteta noma amanye amakhefu omsebenzi, ukuze kuqinisekiswe ukuthi abesifazane ababhekani nezingqinamba ezinkulu emalini elondolozelwa umhlalaphansi.
Okunye akuphakamisile ukuthi kube nezinhlelo eziphoqiwe zokuxhasa umhlalaphansi ezilinganayo zamadoda nabesifazane.