ABESIFAZANE bavamise ukunakekela wonke umuntu bese begcina ngezidingo zabo. UNkk Nozipho Mkhize, ozobe egijima koweComrades Marathon okwesikhombisa ngeSonto, uthi lokhu kufanele kushintshe.
Le ntokazi yaseThekwini, ebhekelele ezokukhangisa kwaSpar, ithe enye yezindlela abesifazane abangaqinisekisa ngayo ukuthi bayazinakekela futhi baphila isikhathi eside ukuzilolonga ngokugijima ngoba kuyabavikela ezifweni ezahlukene.
UNkk Mkhize uthi uneminyaka engaphezu kuka-20, enza umsebenzi wezokukhangisa odinga ukuba uhlale unomdlandla futhi uyazi into ayifunayo. Yingakho eqoka ukugijima ukuze ahlale esemfuthweni oyiwo noma esemsebenzini.
“Nginenhlanhla yokuhola ithimba elinomdlandla elisebenza ngamandla. Ukugijima ngakuqala nje kuyinto engiyenza ngesikhathi sami kodwa manje sengigijime imijaho yeTwo Oceans 56m ultra marathon eminingi futhi ngifuna indondo yesikhombisa yeComrades Marathon,” kuchaza uNkk Mkhize.
Uthe ukugijima kubalulekile ngoba kuqaqa ingqondo, kusize ogijimayo ukuthi ahlale enesisindo esifanele somzimba, agweme izifo ezingadalwa ukungawuvocavoci umzimba.
Le ntokazi engumama wezingane ezintathu, ithi iphila ngokuzihlela izinto ukuze ikwazi ukuthola isikhathi sokuzilolonga, ibe ngumama wekhaya ibuye ibhekane nomsebenzi wayo ehlale imitasa kuwo. Phezu kokuzinikela kukho konke akwenzayo, uNkk Mkhize akazincishile nakwezemfundo futhi uneBachelor’s degree kwiMarketing, idiploma kwiProject Management, iPost Graduate yeBusiness Management nezinye izitifiketi zeLeadershing Marketing okwenzeka ebuchwephesheni besimanje.
Njengoba esebenzela uSpar nje, ubuye afane nenxusa lomjaho ogqugquzelwa yinkampani akuyo iSPAR Women’s 10/5km Challenge.
Nonyaka umjaho uzoba ngoJuni 23, eHollywoodbets Kings Park Stadium.
“ISPAR Women’s 10/5km Challenge ibalulekile ngoba inikeza abesifazane ithuba lokuzibeka phambili. (Ngale kokugijima) kuba nezithangami ezifundisa abesifazane ukuzinakekelela, ibahlomise ngolwazi lwezempilo,” kuchaza uNkk Mkhize.
Ukuqinisekisa ukuthi uhlala ezinhlelweni zakhe zokugijima, uNkk Mkhize uyilungu le-Chillie Running Club (KZN) ayijoyina ngo-2009. Uthi wakhetha iChillie Running Club ngoba uma usungumgijimi wangempela udinga imvume yokungenela imijaho emikhulu. Uthi imvume itholwa ngabantu abangamalungu amakilabhu okugijima.
Uthi amalungu ekilabhu ayabaseka abagijimi futhi akhuluma izinkulumo ezakhayo, ayabagqugquzela emgwaqweni yingakho ayijoyina.
Uqhube wathi abesifazane kufanele babheke amakilabhu ahambisana nabo, lapho bezokwazi ukuphila uhlobo lwempilo enhle abayifunayo. Wenze isibonelo ngokuthi kunabantu abashadile nemindeni abagijima ndawonye ekilabhini yabo.
Uphethe ngokugqugquzela abesifazane ukuthi bazivocavoce bagweme izifo.
“Umuntu angaqala kancane ngokugijima lapho ehlala khona ngoba akudingi ukuthi ukhokhe izizumbulu (zemali) ejimini. Kuwumdlalo omuhle, oqaqa ingqondo, ukusize ukuvikela izifo futhi ukugcine ujabule. Siba ngabantu abangcono uma siphile kahle engqondweni, emoyeni nasemzimbeni. Ukugijima kungasinika konke lokhu,” kweluleka uNkk Mkhize.