UZA nesisombululo esizovikela ingqalasizinda esimeni sezulu esiguquka ngamandla uNksz Thobekile Gambu oyi-Environmental Scientist eMngeni-uThukela Water.
UNksz Gambu (37) uyakuthanda ukuthuthukisa umnotho ngezindlela ezivikela imvelo nempilo yabantu nezinkampani eNingizimu Afrika.
Uthe uMngeni-uThukela Water unohlelo lokwakha ngendlela engayilimazi imvelo uma uthuthukisa ingqalasizinda yawo. Lezi zindlela yizona ezonga imvelo, ziqinisekise ukuthi ingqalasizinda yaseMngeni-uThukela Water ayiphephuki futhi ayimosheki kalula ngenxa yokuguquka kwesimo semvelo.
“Izinhlelo zethu zokuthuthukisa ingqalasizinda zihambisana nezinhlelo zentuthuko ezibizwa ngama-sustainable development goal. Kulezi zinhlelo siqinisekisa ukuthi yonke intuthuko yamanzi iyayibhekelela imvelo futhi ikleliswe ngezinkanyezi ezine yiGreen Star SA, okuyinhlangano ehlola izakhiwo zakuleli ukuthi ziyahambisana yini nokongiwa kwemvelo nokuthi aziphazamiseki ngenxa yokuguquka kwesimo sezulu,” kuchaza uNksz Gambu.
Uveze ukuthi izakhiwo zabo ezintsha zisebenzisa ugesi welanga nophehlwa ngamanzi, ziyakwazi ukugcina amanzi emvula ukuze asetshenziselwe ukwenza ezinye izinto.
Uthe ngisho intuthuko yokuhlanza amanzi yakhiwa ngezinsiza ezingabhidliki kalula, ayiwusebenzisi ugesi omningi futhi iyawonga amanzi ahlanzekile.
UNksz Gambu, ovela emndenini wezingane ezine, uthe uyakuthanda ukonga imvelo nokusiza abesifazane ukuze baphumelele empilweni.
Le ntokazi yafunda eSgodini Primary, yadlulela eNorthday Primary yaphothula umatric eHeather Secondary lapho yaba yintombazane yokuqala emnyama ukuba yideputy head girl.
Iveze ukuthi uthisha wayo, uMnuz S Reddy, wayigqugquzela ukuba ifake isicelo somfundaze, yawuthola yahamba yayokwenza izifundo zeBachelor of Science ezigxile kwiChemistry neBiology.
Iqhubekile yenza ezeHonours nezeMasters kuyo iChemistry ne-Environmental Management.
Ibuye yathola ithuba lokufunda eCopenhagen Business School lapho ithole idiploma yeTransformational Leadership kanti imatasa neziqu ze-PHD kwi-Engineering eNyuvesi yaKwaZulu-Nalal lapho izobe icwaninga ngokusebenza kukagesi ezakhiweni.
Lezi ziqu uthe ziyamsiza emsebenzini wakhe ngoba uyakwazi ukuxazulula izingqinamba abhekana nazo ezindleleni zokuthuthukisa ingqalasizinda esikhathini lapho kwande khona izinhlekelele zemvelo.
Uthe uyakwazi ukuqonda ulimi olusetshenziswayo, enze ucwaningo olunzulu futhi eze nezisombululo.
Uthando lwemfundo uthe waluthola ekhaya lapho ayegqugquzelwa ukuba afunde nakothisha bakhe.
Njengoba enezingane ezimbili, uma evuka ekuseni uqala ngokuthandaza bese elungisa izingane zakhe ukuba ziye esikoleni.
Ube eseqhubekela emsebenzini lapho ebheka imithetho ethinta ezemvelo, abe nemihlangano nabantu asebenza nabo ukuze ezokwazi ngezinhlelo zentuthuko, izingqinamba ezikhona nokuthi kudingeka izinsiza ezingakanani. Ubuye abheke izinhlelo zentuthuko ukuthi zihamba kahle njalo ngekota bese uma ephuma emsebenzini ayojima futhi abheke izifundo zakhe.
Ososayensi bavamise ukuthi impi yomhlaba izoqalwa wumbango wamanzi, uNksz Gambu uthe akafisi ukuthi kube nempi yomhlaba kodwa uyacela ukuthi abantu bonge amanzi.
Uthe kufanele balungise amapayipi nompompi abavuzayo, bangaxubhi kube kugeleza amanzi, bathenge amashawa angasebenzisi amanzi amaningi kanjalo namathoyilethe akwazi ukusebenzisa amanzi asesebenzile. Eshaweni umuntu angageza amaminithi amahlanu futhi baqoqe namanzi emvula ukuze banisele ngawo.
Uveze ukuthi bayawasiza amakhasimende oMngeni-uThukela Water ukuba onge amanzi nokuthi athuthukise ingqalasizinda ngendlela enakekela imvelo.
UNksz Gambu uyingxenye yenhlangano esiza amantombazane agxile emkhakheni wesayensi nobunjiniyela bamanzi, ugesi nokunakekela imvelo ebizwa ngokuthi Ukusimama Foundation.
Uthe banamantombazane awu-27 eNingizimu Afrika yonkana aqeqeshwa ngabantu abakule mikhakha abawu-25.