USUKU lokugcina lokuthweswa kweziqu enyuvesi, iDurban University of Technology (DUT) lube ngoluhle nolukhethekile kubafundi be-Arts and Design bethweswa iziqu emcimbini owodwa uqolothakamango wezobuciko namasiko uDkt Nokugcina Elsie Mhlophe eOlive Convention Centre eThekwini ngoLwesibili.
UDkt Gcina Mhlophe uhlonishwe ngeziqu zobudokotela emkhakheni wePhilosophy in Visual and Performing Arts ngomsebenzi wakhe omuhle weminyaka ebhala futhi ehaya izinkondlo, izincwadi, imidlalo yeshashalazi nokuba ngumgqugquzeli wezamasiko ezweni nasemhlabeni wonke jikelele.
Ekhuluma neSolezwe ngemuva kokuthweswa kweziqu, lo dokotela uthe kuyamthokozisa kakhulu ukubona kuqopheka umlando ngalendlela.
“Ngibona ukuthi kusezweni lami lana, KwaZulu-Natal, ngibonga nokuthola leli thuba ngisaphila, ngikwazi ukuzihambela ngizamukele mina ngokwami lezi ziqu. Kuyisibusiso ukubona kwenzeka lokhu phambi komndeni wakithi, udadewethu sebekhulile bebadala kodwa ukwazile ukufika nabashana nabasekhaya komama kwaShezi, bezothokoza nami emcimbini omuhle kangaka,” kusho yena.
Uthi kuyamthokozisa nokubona abantu abasha abaningi abadela okuningi babekezela ukuze kufike lolu suku lwanamhlanje nabo bezothweswa iziqu ngokuzinikela kwabo.
Uthi uyazigqaja ngomsebenzi wakhe asewenze iminyaka futhi wahamba amazwe eshumayela ivangeli lokubaluleka kokufunda nokuxoxa izindaba nezinkondlo ngoba ukufunda ukulalela yikona okubaluleke kakhulu empilweni yomuntu kusukela ebunganeni bakhe.
Lo dokotela onesikhungo esifundisa amakhono okubhala iGcinamasiko Arts and Heritage Trust, uthi uyohlezi eyinxusa lamasiko nobuciko ngoba kubalulekile kuye ukubona lo msebenzi ukhula, kwanda isizululwane sabantu abanothando lokubhala nokuhaya izinkondlo nokuxoxa izindaba.
Lo qolothakamango owaziwa kakhulu ngomdlalo wakhe othi, Have you seen Zandile? osumhambise amadolobha omhlaba afa ne-Edinburgh, London, Basel, Zurich, Chicago, and Tennessee, uthi uyakhula umsebenzi wakhe njengoba eseqale ukushicilela izincwadi zakhe ndlela efundwa ngabantu abangaboni emehlweni ibrail, kanti ezinye seziqoshwa zibe ngamavideo ukuze nabantu abakhuluma ngolimi lwezandla bazithokozele.
“Ngethule incwadi yami ethi Nozincwadi, Mother of Books, iphume ngonyaka odlule, iqoshelwe ukuba ifundwe yilabo abakhuluma ngezandla, njengoba saqale sayikhipha nge-brail ngo-2021.”
Uthi lokhu usezoqhubeka nakho ngoba kubalulekile ukuthi afinyelele kuwona wonke umuntu ngomsebenzi wakhe ngoba akuwona owabakhethiweyo.