INDLELA oya ngayo ezinsukwini zakho ingakukhombisa ukuthi unenkinga yokukhulelwa noma cha.
Ongoti bezempilo bathi ukopha kakhulu uma usezinsukwini zakho noma ukuba nomjikelezo ethatha isikhathi esingaphansi kwezinsuku ezingu-21 kungachaza ukuthi kuzoba nzima ukuthi ukhulelwe.
UDkt Lethukwenana Letsoalo, uthi ukuze ukhulelwe kudingeka ukuthi impilo yakho yomgudu wenzalo okungamaqanda, ama-fellopian tube nama-ovarie kube sesimeni esifanele. Uqhuba athi lezi zinto zibalulekile ukuze umuntu wesifazane akhulelwe yize kungezona kuphela ezidala ukuthi umuntu wesifazane akhulelwe, izinkinga ziyehlukana.
Uthe ukopha kakhulu noma ukopha kancane kakhulu okanye ukweqiwa izinyanga ube ungakhulelwe, kungezinye zezinto ezikhomba ukuthi kunokungahambi kahle emgudwini wenzalo okungaholela ekutheni owesifazane angakhulelwa.
"Enye yezinkinga abanye abantu besifazane abangayazi, iPolyspic Ovarian Syndrome ebonakala ngokuthi umuntu wesifazane akhuluphale ngokweqile. Abe nezinwele ezindaweni okuvame ukuthi zibe khona kuzo ebantwini besilisa okungaba intshebe, esifubeni nakwezinye izindawo. Uma ubona lokhu kumele ubonane nodokotela ngokushesha ngoba kusho ukuthi amahomoni akho awabhalansile, unehomoni yabesilisa eningi," kuchaza uDkt Letsoalo.
Uthe ngokuvamile ukuze uzibone ukuthi kunobunzima ukuthi ukhulelwe ukuthi uma uneminyaka engu-35 uzama ukukhulelwa, kuphele unyaka kungalungi. Uma uneminyaka engu-40 kuya phezulu kuphele izinyanga eziyithupha.
Okunye okugxekwa ngodokotela ukuthi uthenge imithi ozicabangela wena ukuthi izokusiza ekebeni ungenalo ulwazi lokuthi ukungakhulelwa kwakho kudalwa yini.
"Kumele uhlolwe, kutholakale ukuthi inkinga yakho yini, bese kuhlonzwa ukuthi ingelashwa kanjani. Into eyenza kube nzima ukuthi abantu abakwenzi lokhu, bathembela elwazini abalutshelwa ngabantu nasekuthengeni imithi emakhemisi bengazi ukuthi yini eyenza bangakhulelwa," kusho uDkt Letsoalo.
Okunye okungakhombisa ukuthi owesifazane angase abe nenkinga yokuba nengane, ubuhlungu besinye. Isibonelo kungaba ukuba nesifo i-endometriosis, ama-fibroid, nama-ovarian cysts.
Uthe okunye okudala izinkinga yizifo zocansi ezingelashiwe, ezingenza owesifazane aphuphunyelwe yizisu njalo.
Uqhube wathi ezinye izinkinga eziyisengezo ukuphuza ngokweqile utshwala, iziphuzo ezine-caffeine ngokweqile, ukusebenzisa izidakamizwa nokubhema ugwayi.