UKUNGAWUTHOLI umsebenzi awufundele kwenza uNksz Thobeka Mbina wasungula iMaison De Florale, ibhizinisi lezimbali ukuze akwazi ukuziphilisa futhi abe wusizo ekhaya.
Ngaphambi kokungena kwezamabhizinisi, uNksz Mbina uphothule u-matric eTreverton College eMooi River ngo-2017 wase enza iBachelor of Social Science ayiphothule e-University of The Free State ngo-2021. Wayenethemba lokuthola umsebenzi ukuze akwazi ukuzimela futhi anakekele umndeni.
Ukuthi Maison De Florale, okuyisiFrench, kusho ikhaya lezimbali ngesiZulu.
Elandisa Isolezwe ngaleli bhizinisi aliqale ngoFebhuwari nonyaka, uNksz Thobeka Mbina (25) uthe esebhekene nendlala yomsebenzi wakhumbula indlela akhuliswa ngayo wugogo nomkhulu wakhe. Babenengadi enkulu emzini wabo oseWestville, eThekwini, abebemkhuthaza ngayo ukuthanda imvelo nokunakekela izimbali.
“Ibhizinisi ngiliqale ngokubhalisa inkampani yami ngoR750 kwabenzelana lowo msebenzi, ngathenga izimbali, ngazifaka ilebuli enegama lebhizinisi lami ngase ngithola abantu abazoshutha beziphethe. Ngasebenzisa lezo zithombe ukumaketha ibhizinisi lami ezinkundleni zokuxhumana okungisize kakulu ukudoba amakhasimende,” kusho uNksz Mbina.
Eqhuba uNksz Mbina waKwaDabeka, eClermont, uthe okwamanje izimbali azidayisayo akazenzeli yena kodwa kunendawo ezidayisayo eseSpringfield asebenzisana nayo, uzithenga kuyona.
“Sidayisa izimbali ezahlukene, kuya ngokuthi ikhasimende lidinga hlobo luni nokuthi lizidingela ukuzisebenzisa emcimbini onjani noma kusiphi isimo. Ziqala kuR450 kuya kuR2 800,” usho kanje.
Okwamanje usasebenzela ekhaya, okungenye yezingqinamba abhekana nazo ebhizinisini njengoba engakabi nawo amandla okuqasha abasebenzi abazomsiza ukuphuthumisa umsebenzi.
“Nokho ngigculisekile ngendlela ibhizinisi eliqhuba ngayo manje njengoba ngisanda kwenza isivumelwano sokusebenzisana nabenkampani edayisa izimoto zakwaBMW eseBallito, engiyidayisela izimbali zami esuke izozinika lelo nalelo khasimende elizothenga imoto kuyona,” kusho uNksz Mbina.
Ephetha, uthe ufisa ukuthi inkampani yakhe idlondlobale ukuze akwazi ukwakha amathuba omsebenzi azokwenza impilo ingabi lukhuni entsheni edinga ukuqashwa.