UKUZIMISELA kwakhe ekudayiseni kuholele ekutheni aqashwe inkampani afika kuyo ezodayisa eminye imikhiqizo.
UNksz Pamella Ndlovu (34) odabuka eNazaretha, ePinetown osezinze eYellow Park eThekwini, ongumdayisi wezimoto KwaHyundai, eThekwini. uthe waya kwelinye igatsha lale nkampani eyodayisa ugesi welanga (solar) nezinsiza zokuphepha (security system), ababesophikweni lokuthenga impahla bachazwa ugqozi nentshisekelo yakhe bamtshela ngesikhala esasikhona sokudayisa izimoto.
"Ngiwumuntu ongacucuzi uma kuthiwa kunethuba. Ngafaka iCV yami enkundleni yokuxhumana iLinkedin okuyinto engangiqala nokuyenza. Ngaqhubeka nokuzenzela imisebenzi yami yokudayisa ngoba ngiwumuntu ohlale edayisa ezinkundleni zokuxhumana. Ngihlale ngithi kubantu ngisebenza kasawoti ngoba khona akuphunyulwa. Ukuzibiza ngosisi osebenza kasawoti ikona okungenze ngaduma ezinkundleni zokuxhumana ngoba abanye bazitshela ukuthi ngisebenza khona ngempela kanti abanye basuke behleka indlela ukusebenza kanzima engikuchaza ngayo," kusho uPamella.
Uqhube wathi: "Ngibe nenhlanhla ngabizwa,ngaqeqeshwa ngase ngiqala ukusebenza ekuqaleni kwalo nyaka. Ngitshelwe ukuthi kumele ngizakhele indlela engizosebenza ngayo. Izindlela abanye abantu abakulo mkhakha abazisebenzisayo ngibonile ukuthi ziyabasebenzela ngenxa yokuthi sebenesikhathi eside bekuwona. Ngase ngibona kungcono mina ngisebenzise izinkundla zokuxhumana ngoba ngiwumuntu omusha futhi onabalandeli kuzona," kuchaza uNksz Ndlovu.
Uthe ufaka isithombe semoto ethize ayisho ukuthi inani futhi ilungele abantu abazoyisebenzisela ukwenzani nokuthi ungalindela ukuthi ukhokhe malini, kuye ngokuthi ukuhlolwa kwakho kuveze ukuthini.
"Ngiwumuntu we-Content, ekuseni ngiqala ngokufaka yona ezinkundleni zokuxhumana. Lokho kuyindlela yokudoba, kuzothi uma sengiyikhipha inethi yami ngihlunge ngokusebenzisa izindlela zokubheka ukuthi umuntu usesimeni esikahle yini sokuthi angasithatha isikweleti. Ezinkundleni zezokuxhumana abantu bayayisabalalisa indaba. Uma udayisa nakhona kuba njalo, okukusiza ngokuthi ufinyelele kumuntu obevele efisa ukuthi athenge imoto bese eyangithinta. Ukusebenzisa izinkundla zezokuxhumana kunazo izinselelo zakhona njengokuthi abantu babuye abangasihloniphi isikhathi sokusebenza. Bafona noma ingasiphi isikhathi. Ngigcine sengiyishintsha inombolo yami kube ekaWhatsApp kuphela ukuze ngilawule leso simo," kusho yena.
Uthe kulo mkhakha kumele ukulindele ukuphoxeka kakhulukazi ngoba abantu abaningi bangene shi ezikweletini ngenxa yeCovid-19.
"Uma ungumdayisi kumele ukwazi ukusiza ikhasimende ukuze likwazi ukulawula izikweleti kanye nezindleko. Kuyenzeka ukuthi umuntu akanazo izikweleti kodwa kunabantu abaningi abathembele kuye ngokwezimali okwenza ukuthi asale nemali encane. Lapho kusuke sekumele nihlale phansi nalo ikhasimende nibonisane. Mhlawumbe kuze kudingeke lime ukuyithenga imoto ngaleso sikhathi, libuye libuye ngemuva kwezinyanga ezintathu selihlise izindleko," kuchaza uNksz Ndlovu.
Othe okunye okubalulekile ukuthi uzazi izimoto ngoba amakhasimende anezidingo ezingefani zezimoto.