UBUNZIMA bokungatholi abantwana wubuhlungu obukufakela ingcindezi engachazeki. Lesi isikhalo sabesifazane abaningi kuleli ikakhulukazi abashadile, kodwa bambalwa abanesibindi sokuphumela obala bakhulume ngale nkinga.
Intokazi yaseHammarsdale esizakhele udumo ezinkundleni zokuxhumana ngamahlaya ewenza nomyeni wayo lapho izibiza ngoMkamlungu omhlophe qhwa, uPearl Holdstock, nayo yadlula kulesi simo esinzima.
Njengabashadikazi abaningi, le ntokazi ithi bazama nomyeni wayo ukuthola izingane kodwa kwacaca ukuthi akulula njengoba ayecabanga.
“Sazama isikhathi eside ukukhulelwa kusetshenziswa ubuchwepheshe bodokotela sekutholakele ukuthi yimina enginenkinga. Sazama izikhathi eziningi sihluleka singasizakali kodwa kungavumi kimi ukuba ngamukele ukuthi akwenzeki.”
Uthi umyeni wakhe waze wamnxusa ukuthi akame kancane bazihlele kabusha nomzimba uphumule.
“Ngaleso sikhathi ngazama ukucwaninga izindlela engingasiza ngazo umzimba wami ukuba uzelaphe wona futhi ngisebenzise izinsiza zemvelo.”
Uthi yilapho axhumana khona nodokotela osebenza nge-Homeopathy, “Owangihlola wangicushisa ngokushintsha indlela engenza ngayo izinto. “Wathi mangidle ukudla okufanele mina ngqo, ngoba yize ziningi izinhlobonhlobo zokudla kodwa akusikho-konke okufanele umzimba wami.”
Lokhu, ngokusho kwakhe yizinto umuntu angazinaki kodwa ezidinga ukuthi afunde ukulalela umzimba wakhe futhi wazi ukuthi okufaka emzimbeni wakho kukulungele yini noma kuzodala umonakalo.
“Alulukhulu noshintsho esalwenza nomyeni wami ngoba ukudla esasiyalelwe ukuba sigxile kukhona yizinto esasinazo vele ekhaya, kodwa singazisebenzisi ngendlela efanele imizimba yethu.”
Umyeni wakhe uyena owamcebisa ukuthi kungakuhle ukuthi aqophe lolu hambo lwakhe lobunzima bokukhulelwa ngombhalo azowufaka ezinkundleni zokuxhumana mhlawumbe bakhona abangasizakala.
“Lokhu kwasiza kakhulu ngathola imilayezo emingi kubantu abathi sebephile iminyaka nobuhlungu bokungatholi abantwana. Okubuhlungu kakhulu wukuthi abantu basefazane abaganile yibona abazithola bengaphansi kwengcindezi enkulu, noma kungeyena onenkinga, kodwa abasemzini bahlezi begxeka bona.
Le ntokazi ithi lolu hambo yilona olwenze yaba nentshisekelo yokuhlela imicimbi ehlukene lapho kuhlangana ndawonye abantu ababhekene nale nkinga, kanjalo nezazi zezempilo. Uthe uchungechunge lwemihlango yakhe ehambela izindawo ezahlukene ngonhloso yokufinyelela nakulabo abathi siyafuna ukuza kodwa iTheku likude nathi.
“Ngihlela imihangano ekhethekile yalabo ababhekene nale nkinga kuphela, ngoba kwesinye isikhathi uma ubhekene nale nkinga usuke udinga umuntu ozokhala kuyena, hhayi ozokweluleka noma ozokunika okuthile, kodwa ithuba lokubhodla, wendlale ubuhlungu bakho ngezinhlamba ozitholayo ubonakala njengomakoti ohlulekayo ukukhulisa umuzi.”