KUSUKELA ebuncaneni bakhe uNksz Faith Ngubo wayehlale eshisekela ukwenza umsebenzi ozokwenza abe nodumo.
Nokho ukungatholi ithuba lokufundela ukulingisa e-DUT, kwenza wagcina enze izifundo zobuntatheli e-Icesa College, okwathi angaziqeda ngo-2018, wathola ithuba lokusebenza emsakazweni ozimele ozinze eThekwini, iVuma FM, ethula ezemidlalo ngo-2019.
Nakuba alijabulela lelo thuba futhi lamsiza ukukhula kule ndima, kodwa yilona alichaze ngokuthi lenze wabona kukuhle ukubheka enye into angayenza imenzele imali engcono. Ingalesi sizathu ayisungula kanjalo iBlanket Casting Agency, inkampani yakhe esiza ngamathuba kwezokulingisa ebantwini abafuna ukuchuma.
“Ngiyakhumbula ukuthi sengishiye kwiVuma ngo-2021, ngasuka ngayohlala eGoli, lapho engifike khona ngabona intuba yokuqala ibhizinisi elinjena ukusiza amaciko afuna ukungena endimeni yokulingisa ngamathuba emisebenzi anjalo,” usho kanje.
Elandisa ngomsebenzi wakhe wansuku zonke, uNksz Ngubo (28) uthe yena usiza amaciko ngokuxoxa nezinkampani ezididiyela imidlalo yethelevishini ukuzwa ukuthi zidinga abalingisi abanjani futhi abaneminyaka emingaki, bese enikezela ngalawo mathuba emacikweni abhalisele ukuthola imisebenzi enkampanini yakhe.
“Ngenza imali ngokuthatha ingxenye ethile emholweni otholwa yiciko ngomsebenzi engisuke ngilenzele wona, kuncike ekutheni umlingisi usuke ezokwenza umsebenzi ongakanani emdlalweni asuke ebizwe ukusebenza kuwona,” kusho uNksz Ngubo.
Uthe inselelo enkulu ngomsebenzi wabo wukuthi ukuncintisana kuphezulu ngenxa yobuningi bezinkampani ezenza umsebenzi ofuze owakhe, okuphoqa ukuthi azame into ehlukile kwabanye ukuze enze inzuzo nento ebonakalayo ngebhizinisi lakhe, angami ndawonye.
“Ngisaqala nje ngihlale cishe unyaka wonke ngingawutholi umsebenzi ngenxa yokuthi bengingazizwa wumuntu kule ndima. Lokho kwaphoqa ukuthi ngisebenze ngokuzikhandla ukwakha ubudlelwano nezinkampani ezididiyela imidlalo yethelevishini.
“Kumanje nginobudlelwano obuhle neBomb Productions, eqopha i-House of Zwide, iMMSV eqopha i-Generations The Legacy, kube yiTshedza Pictures esisebenza nayo kwi-Outlaws ne-Youngins, futhi ngisebenzele ne-Rhythm World kuMkhokha. Kuningi okuhle esikwenzayo ukusiza amaciko angaphezu kwa-1 000 aseGauteng nangaphezu kwa-300 aseThekwini, ajoyine ukuthola amathuba okulingisa eza ngokusizwa yinkampani yami,” kusho yena.
UNksz Ngubo wasoFafa, eXobho, uthe manje ubheke ukuqhubeka nomsebenzi awenzayo futhi enze nezigcawu zokucobelana ngolwazi, abe wusizo emacikweni adinga ukuchuma ngomkhakha wokulingisa, umsebenzi athu uma kuhambe kahle, uyawenza u-R30 000 njalo ngenyanga.