IPHINI likaSomlomo wesiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uNksz Mmabatho Tembe, ugqugquzele abesifazane ukuthi bangene kwipolitiki ukuze balethe ushintsho abalufunayo empilweni yabantu baseNingizimu Afrika.
UNksz Tembe (35) uthe ipolitiki akuseyona eyamadoda kuphela kodwa wonke umuntu ofuna ukuletha ushintsho kufanele angene kuyona.
“Eminyakeni edlule bengisebenza njengomeluleki wezitshudeni ngezinto ezithinta izinkinga, izifundo zazo nempilo eDurban University of Technology. Benginabangani abawosopolitiki futhi ngiwumuntu othanda ukuletha umehluko empilweni yabantu njengoba ngenza izifundo zePsychology eNyuvesi yaKwaZulu-Natal. Ngabona ukuthi ushintsho ngizolwenza uma ngingena kwipolitiki,” kuchaza uNksz Tembe.
Le ntokazi eyazalelwa futhi yakhulela eThekwini, iphothule u-matric wayo e-Queensburgh Girls, ithe iyabathanda abantu.
Ithe uyajabula ngokuqokelwa kwesePhini likaSomlomo wesiShayamthetho saKwaZulu-Natal ngoba lokhu kuyakhombisa ukuthi ikhona indawo yabantu abasha nabesifazane kwipolitiki.
Iveze ukuthi kudala ipolitiki ibibukwa njengomkhakha wamadoda nezaguga kodwa izinto ziyashintsha manje.
“Sebekhona abantu abasha kwipolitiki nabesifazane bayangena. Baze babe sezikhundleni zobuholi. Lokhu kufanele kugqugquzele abesifazane abancane ukuthi bangene kwipolitiki. Ngingasho ngithi ipolitiki ibalulekile kakhulu, iyabadinga abesifazane abancane ukuze beze nezixazululo ezibhekene nabantu abasha nabesifazane,” kusho uNksz Tembe.
Uthe ufuna kube nesikole esizofundisa ngokusebenzela umphakathi okuyisona esizolekelela abesifazane sibacije ngamakhono okufanele babe nawo ukuletha uguquko oluyilo emiphakathi abahlala kuyo.
Le ntokazi ebisemhlanganweni ngesikhathi ixoxa neSolezwe ithe iyathemba ukuthi ukuqokwa kwayo kuzogqugquzela abantu abasha nabesifazane ukuba bangene kwipolitiki nokuthi balethe ushintsho lapho bekhona.
UNksz Tembe, uwumuntu obathandayo abesifazane, kwazise ngesikhathi eqala ukusebenza eDUT wasungula uhlelo olubizwa nge-Girl Talk lapho ayesiza khona abesifazane abancane (izitshudeni) ngezinkinga zempilo ababebhekene nazo.
Ungene kwipolitiki ngo-2014 kwu-ward 33 eThekwini, uye waba wuNobhala weDA esiyingini saseThekwini.
Ube yikhansela likaMasipala weTheku ngo-2016 esebenza nasezinhlakeni ezihlukene ze-DA.
Ubeyilungu lekomidi elibhekelele ukuthuthukiswa komnotho eThekwini nakwelibhekelele umphakathi.
Ube esekhushulelwa kwisiShayamthetho saKwaZulu-Natal lapho ebesekomidini lezokuThuthukiswa koMphakathi esiza abanezinkinga zezibonelelo zikahulumeni nokunye okuthinta isimo senhlalo.
Uphethe ngokuthi uzobasebenzela ngokuzethemba abantu baKwaZulu-Natal nabaseNingizimu Afrika yonkana.