UMBHISHOBHI wePower of God Assembly uNkk Thandeka Nene kuleli Phasika uphethe inkonzo enkulu egatsheni laKwaDabeka, eClermont lapho abazalwane baleli bandla nezinkonzo ezahlukene bazobe behlangene khona.
Ukuhlanganyela nabazalwane okubalwa nabavakasha enkonzweni ngePhasika uveze ukuthi kuyawehlisa umthwalo kubantu ngoba kukhulekelwa izimo zempilo ezahlukene.
Ukubuyisa ithemba nokwakhana kanjalo nokuvuselela ukholo ngezinye zezinto aveze ukuthi bazibeke phambili kuleli bandla.
Njengalokhu umphriste wakhuluma ethi munye umuntu ongafa kusinde isizwe. Kanjalo nathi simemezela lokho ukuthi kwafa umuntu uJesu Kristu endaweni yethu ukuze sisinde ezonweni, ezifweni nakukho konke okusixakile.
“Asinikele kuJesu konke. Asingaziphileli thina kuphile uKristu okithi," nokuyivesi likaJohane 11 vesi 49 kuya ku-50.
Izinkonzo zePower of God Assembly selokhu ziqale ngoLwesine nokuzoze kulamule ukuphela kwempelasonto ngeSonto.
Ongumama umfundisi e-Ark Fellowship Church eMatikwe eNanda, uNkk Zama Zungu yena umatasa nezinhlelo ezahlukene ezihlanganisa inkonzo yamazwi ayisikhombisa, eyabasha nosontosikole.
UNkk Zungu uveze ukuthi lesi yisikhathi sokuvuselela unembeza kubantu futhi bakwazi nokuthulula okusenhliziyweni kuNkulunkulu. Ufumbathisa bonke abantu lamazwi angezansi naveza ukuthi noma kwachitheka igazi ngalesi sikhathi kodwa okuhle ukuthi kwaletha ukuphila kubantu.
"Igazi liyakuba uphawu lwenu ezindlini lapho nikhona, nanxa ngibona igazi ngiyakudla kini, ningehlelwa yisifo sokunibhubhisa lapho ngibulala izwe laseGibhithe," ngokusho kuka Eksodusi 12 vesi 13.
Indlovukazi Mapule ongumfundisi weSakha uMphakathi ehamba ifundisa ngeziphiwo zikamoya useNtuzuma naseLovu. Ufisa abantu babuye ePhasikeni kuvuke umoya kaKristu nothando olungenamkhawulo, babe nomoya ohlanzekile wokungahluleli kanjalo noxolo.
"UyiNdodana yami wena, namuhla ngikuzele, njengokuba esho nakwenye indawo ngokuthi wena ungumpristi kuze kube phakade ngokokuma kukaMelkisedeki, owathi esenikele emihleni yenyama yakhe ngemikhuleko, nokunxusa, nokudazuluka okukhulu, nezinyembezi kuyena onamandla okumsindisa ekufeni. Wezwiwa ngenxa yokumesaba uNkulunkulu. Noma eyiNdodana, wafunda ukulalela ngalokho ahlupheka ngakho, esephelelisiwe waba yisisusa sokusindiswa okuphakade kubo bonke abamlalelayo," amazwi atholakala kumaHeberu 5 vesi 5 kuya ku-9.