NAMHLANJE ngifisa wonke umuntu wesifazane ozofunda le ngosi, iphele inyanga esekwazi ukugibela indoda ngaphezulu.
Kuyiqiniso elingephikwe ukuthi wonke amadoda ayakuthokozela ukugitshelwa ngaphezulu futhi-ke nje athi kumnandi. Yingakho ngifisa sengathi bonke abantu besifazane bangazijwayeza ukuzichoma ngaphezulu endodeni.
Ngiswele amandla, ukube kuya ngami ngabe ngiba nekilasi lapho ngifundisa khona abesifazane ukuthi indoda igitshelwa kanjani namanje lokhu ngabe ngikubiza ngamasu kodwa manje ngibona sengathi akwanele, yingakho nginithuma emasokeni enu ukuthi niwacele phela anifundise aphinde anijwayeze ukugibela ngaphezulu.
Ngiyazi ukuthi akuyona into elula ukuqonda isoka lakho ulicele likufundise ngoba mhlawumbe lizoba nemibuzo emIningi kodwa kona ekugcineni kosuku uzobe wenzela injabulo yakho nalo.
Yebo kona akulula ukuba ngaphezulu ngoba kuyakhathaza futhi kudinga sengathi ungayazi into oyenzayo ngoba phela awugibeli nje ngaphezulu bese ufika ube isidumbu, nakhona ufike usebenze yingakho kudingeka sengathi ungaba nomzimba olula.
Sisi, cela isoka lakho likufundise liphinde likujwayeze ukugibela ngapheźulu nakhona futhi likulekelele ngesikhathi unyakaza ukuze uye ngokujwayela ngoba phela le nto imi kanje, ukuthi wena awukwazi ukugibela indoda akusho ukuthi sonke asikwazi futhi akusho ukuthi indoda yakho ayithandi ukugitshelwa.
Ngelinye ilanga izothi iyazigangela nje bese ithola ozoyenza ayenzisise bese uyasala wena ngento nawe obungakwazi ukuyenza. Akudingeki mlingo laphayana kodwa ukuthi nje wena uthambise umzimba bese uyanyakaza.
Uma usaba ukucela isoka lakho ukuthi likufundise, vele uzizamele wena ngaphandle kokufundiswa, okwakho nje ukuthi utshele inhliziyo ukuthi namhlanje umuntu wami ngifuna ukumfundisa iTheku.
Menze azibuze aziphendule ukuthi engabe namhlanje udinwe yini. Bhidilisha ziya khona kancane kancane ulokhu uzama mta kama kuyoze kulunge, ungavumeli ubuvila kanye nokukhathala kudlale ngawe.
Ungavumi ukuhlulwa yinto engakhulumi futhi ungavumi ukuhlulwa ngezinye izingane, iyenzeka le nto wukuthi ifuna sengathi ungazimisela nje.
Uma ungumuntu onamahloni okuthi uzobheda mhlawumbe vele umgibele sakudlala ngenkathi nizihlalele ningenzi lutho futhi nigqokile. Nyakaza kancane ubone ukuthi kuyenzeka yini noma akwenzeki.
Nginesiqiniseko amadoda angenawo amakhanda aqinile angakujabulela ukucelwa ukuthi asifundise ngoba phela abanye bethu bayathanda ukwenza ikona ukuthi abazi ukuthi kwenziwa kanjani.
Siyacela bandla nani masoka ethu nisilekelele bo sizame khona sizoniphumuza ngoba siyazi ukuthi ukunyakaza kuyagqilaza, sifundiseni yikhona nani nizoke nilale nje nibheke phezulu nathi sizitike mhlawumbe lingancipha nezinga labantu besifazane abangafiki kuvuthondaba ngoba ngabe sesizibambele mathupha.
Uma futhi owakwakho ecela ukuthi umfundise ungalokhu umbuza imibuzo eminingi kodwa yenza lokho azobe ekucela ngoba ubona ezinye izinto asizazi nje sisaba nokuzibuza ngoba nizolokhu nisiphonsa imibuzo eminingi. Fundisa umuntu wakho ukuze naye akwazi ukuba ngaphezulu.