ANGIQALE ngokusho ukuthi ukuba negciwane lengculazi kusuke kungasho ukuthi usudonsa isigwebo sentambo. Kusuke kungasho futhi ukuthi akumele uthande noma uthandwe. Akusho nokuthi wena kumele ungabe usazithokozisa ngocansi. Impilo kusuke kumele iqhubeke.
Kodwa ke yize sengikushilo lokhu, nginengekile impela. Empeleni nje ngithelwa ngamanzi. Hhayi bo bosisi, naze nawoSathane uqobo!
Ngicasulwa yile yosisi abathi bezazi ukuthi banegciwane lengculazi, bahambe bezitika ngocansi bengazivikele. Uyazi namanje ngisathuthumeliswa wusisi ekade ngikhuluma naye engimaziyo ukuthi unaleli gciwane, engitshela ukuthi kade ezitika ngocansi nowesilisa bengalisebenzisi ijazi lomkhwenyana.
Uma ngimbuza ukuthi uyenzelani into embi kanje, uphendule ngokuthi, “Phela akangibuzanga lutho.” Uthe yena ubengeke aze azixake ngomuntu ongambuzanga lutho, aqhamuke esemtshela ukuthi unegciwane lengculazi, noma alokhu ethi akufunwe ikhondomu ngoba “bekushesha”.
Inhliziyo yami icwile kakhulu emafutheni uma esengitshela ukuthi naleyo ndoda alale nayo ngaphandle kokuzivikela, ibiganga ngoba ishiye unkosikazi ekhaya. Empeleni nje, bebezitika ngocansi emcimbini.
Uyazi bengingaqala njalo ngalo sisi ukuzwa umuntu ekusho kugcwala umlomo ukuthi yena akalisebenzisi ijazi inqobo nje uma umuntu engambuzi lutho futhi engafiki najazi, zilima ziye etsheni.
Into eyenza ngikhulume ngalento embi kangaka, wukuthi kuyona le mpelasonto imicimbi izobe ithe chithi saka. Kolwabishi abathanda ukuzitika ngocansi uma besemicimbini beshiye abathandana nabo emakhaya okungaba oshiye unkosikazi noma oshiye umyeni, okanye onesoka noma onentombi, yimbi le nto abayenzayo.
Ibuhlungu kulo muntu ozothi ubuya kozitika ngocansi “olungasile” bese uzomthelela. Angisho ukuthi igciwane lengculazi litholwa ngabantu abangaziphethe kahle kodwa kubuhlungu kakhulu ukugixabezwa ngesifo esingelapheki ekubeni wena uzigadile, ungahambi ulala.
Ngiyacela bosisi bami niwuyeke lo mkhuba we-skuni, niyazi yini ukuthi ukuthelela umuntu ngegciwane lengculazi ube usazi isimo sakho kuyicala elibomvu? Umuntu ongaveza ubufakazi bokuthi ngempela uwena omthelele niyazi yini ukuthi ungaboshwa?
Iyekeni ngempela le nto. Kusemnyama nakulabo abavele bathembe umuntu behlangana naye emcimbini noma yikuphi ke nje, zithi zisuka amagqozo bebe bezinikela ngocansi olungavikelekile. Uma uzazi ukuthi awukwazi ukuzibamba, kungcono hamba nekhondomu emabeleni.
Endodeni ayibe sephaketheni ikhondomu. Phambilini, abaningi bese bekwenza lokhu, bahambe namakhondomu emaphaketheni, benzela kona ukuthi uma beficwa yinkanuko bavikeleke.
Ngiyanicela zithandwa zami, okungenani vikelani lezi zingane zabantu ezinithembayo ezibheke nina nodwa. Musani ukuzifaka ekuguleni.
Nangaphandle ke nje kwegciwane lengculazi, kubi ukuhambe uzitika ngocansi nabantu ongabazi ukuthi banamkhuba yini abayenzayo empilweni yabo.
Ucansi yinto ejule kabi. Ukuhambe ukhipha uketshezi lwakho nawe wamukela olomunye umuntu ongamazi ubekhothwa yini ngayizolo, kuwubuwula obuphindiwe.
Akubona ubuwula ukuthi uma uqala ukwazana nomuntu, usebenzise ikhondomu kuze kube niyazi ukuthi uthando lwenu lubhekephi.
Nakhona kumele ngaphambi kokuthi nizitike bume, nihlolelwa izifo ezithelelana ngokocansi bese niyathembeka. Ukuziphatha kahle akukaze kwaphuma esitayeleni kodwa ubuwula bokuhambe uzineka...umvundla ziyowunqanda phambili! Uyozisola usuwedwa endlini encane!