MUVA nje, abantu bagabisa ngesinene obala. Bahweba ngomzimba ukuze bakwazi ukuziphilisa. Kanti izinkundla zokuxhumana ziyabasiza ekutheni bakwazi ukumaketha lo msebenzi abawubiza, ngeprivate prostitution.
Angikhulumi ngabesifazane bodwa. Ngikhuluma ngabesilisa nabesifazane. Kuyacaca ukuthi ukuntenga kwesimo somnotho kuyasibhebhethekisa lesi simo esingajwayeleki.
Kunzima uma abesilisa nabesifazane sebesebenzisa izitho zangasese ukuze baziphilise. Phambilini bekujwayeleke ukuthi abantu abadayisa ngomzimba kube ngabesifazane kuphela kodwa muva nje, nabesilisa sebengene ntshi. Kayikhethi bala lamuntu indlala kanti nezinga lokuphila selinyuke kakhulu manje. Kuyavela nokuthi abesilisa sebeyalamba bafuna ukondliwa yingakho bengababheki abesifazane abaphila kangcono kunabo. Abakhethi noma ngabe loyo wesifazane ubukeka kanjani kodwa inqobo nje uma enemali futhi ezokwazi ukumondla. Akugcini lapho, abesilisa babuye balale nabanye besilisa abangomacaphuna kusale ngasese, ngenhloso yokuthola imali ukuze baziphilise. Ngike ngithole imibuzo yokuxakeka, lapho abesilisa sebexakwe yimijolo abayenza isikhekhelembana, ebangenisela imali ngokuthi badayise ngobuntu babo.
Bakwenza lokhu esithe ngoba bayazi ukuthi kuyihlazo. Cishe uyabonga unkosikazi athi indoda yakhe ayisebenzi kodwa iyakwazi ukuphanta kanti iphanta ngempahla yayo ebuye iyisebenzise kuyona. Kangehluleli muntu. Kumele ngikusho kucace lokho ngoba kazifani izimo ezikhungethe abantu. Iqiniso lithi abanye benza lokhu ngenxa yokuthanda impilo ewubukhazikhazi hhayi ngoba belambile. Bayazi ukuthi uma bevuma ukulala nomacaphuna kusale bazothola imali yokondla izingane nabafazi.
Siphezulu nesibalo sabesifazane abadayisa ngomzimba. Lokho kufakazelwa nayindlela abasantuza ngayo ezinkundleni zokuxhumana. Phela abacwaningi bathi umuntu odayisayo akuchazi ukuthi kufanele aze ayoma esitaladini adayise khona kodwa seziningi izindlela zokuhweba ngesinene. Kanti ziwusizo izinkundla zokuxhumana ezahlukene. Abesifazane kabafihli ukuthi balambile noma eshelwa umbuzo wokuqala awubuza isesheli owokuthi sisebenza kuphi? Abanye banabo abantu ababathanda ngokweqiniso kodwa banabantu abalala nabo kuphela ukuze bathole imali. Ngiyaphinda, uma umuntu ezidayisela ngesitho sakhe sangasese thina asingeni lapho. Okubuhlungu nje ukuthi abanye abathandi ukudayisa ngesinene kodwa baphoqwa yisimo, abanye badayisa ngesinene kwezobuchwepheshe. Akekho ohlangana nomunye kodwa yonke into iphelela online. Bathumelelana amanyundululu benze ucansi online bese ukhokha inani elifuniwe, abakudayiseli ungakakhokhi.
Kusazoba nzima kakhulu ngoba kubukeka sengathi umnotho uyangokusijikela kanti namathuba emisebenzi awekho, nhlobo. Yize kunzima kodwa thina ELawini LikaMaGumede sibona kungcono uhulumeni aqhamuke namasu okunqoba indlala kuthuthuke nomnotho ngoba yiwona ofaka ingcindezi ebantwini bagcine sebedayisa izitho zangasese. Kunabantu abafundile kodwa abangasebenzi. Abanye bayaphoqeleka ukuthi benze noma yimiphi imisebenzi ukuze baxoshe ikati eziko.
Ngiyathanda ukukhuthaza abantu ukuthi noma yini abayenzayo, bazivikele kakhulu kunakuqala.Kungenzeka ukuthi unezizathu ezinqala zokwenza lo mkhuba kepha qaphela ukuthi awutholi igciwane bese ulifafaza ekhaya. Ingculazi isekhona futhi iseyingozi ngakho akuphusile ukuhamba ulala nanoma yimuphi umuntu. Zivikele okungcono!
Qaphelani izigebengu ezizofuna ukukunisebenzisela ukuthi zihlole imithi yazo ngokulala nani. Ngiyazi lokhu kujulile, siyokhuluma ngakho ngelinye ilanga. Uma wenza lo msebenzi ekubeni ungahlanzekile, qaphela ukuthi ungatholi insila yabantu olala nabo bese kubheda kakhulu.
Impela kungenzeka konakale nezinye izinto othi uyazilungisa empilweni ngenxa yensila yabantu olala nabo kodwa siyokhuluma ngelinye ilanga.
ELawini LikaMaGumede ungalandela ikhasi lethu kuFacebook ebese usithumelela umyalezo ku whatsapp 079 977 1723