UMBUZO:
MaGumede, nginamadoda amabili ngizobabiza ngokuthi u-number 1 no-2.
Sesithandane iminyaka ewu 11 no-number 1, bese u-number 2 wunyaka wesithathu lo sithandana kahle nje nesthembu sami.
Nayi inkinga: u-number 2 waseMthwalume ufuna ukuyocela alobole ngenyanga ezayo ekhaya. Ngivumile, bengingeke ngilinde u-number 1(lo weminyaka nyaka) ongangiloboli. Yena ungowokuzalwa KwaNongoma futhi akakaze ayithi vu eyokuza ekhaya.
Ngicela ningibonise, ngimtshele kanjani ukuthi sengihembe, ngendlela engeke imuzwise ubuhlungu?
IMPENDULO:
Mutshele isizathu esiqinile, uthi: bhuti sengicela sihlukane ngoba isiminingi iminyaka sindawonye ayikho inqubekela phambili, ngiyabona awuzimisele ngami. Ngilokhu ngibekezele ngithi kukhona ozokusho mayelana nokuvela ekhaya kodwa awusho lutho. Ngiyabona ngilokhu ngihlalele ukubala iminyaka ekubeni amandla okuza ekhaya unawo. Bengikuthanda, usale kahle. Sengiqhubeka nempilo.
Lokhu ukwenzela ukugwema ingxabano dadewethu.