Umbuzo
Nginonyaka ngithandana nosisi thizeni, ayikho into ebengingamenzeli yona. Yonke inhlobo yokumeseka ongayicabanga. Bengize ngishode mina ngenxa yokuthi ngifuna kwanele yena. Inkinga kule nyanga ungijolelile. Bekungokuqala gqa selokhu sahlala ndawonye. Wahamba MaGumede wayolala endodeni wabuya salwa saxabana waphindela futhi ngalolo suku wabuya nama-love bite. Ngimxolele aphinde ephindele nokuchaza ukuthi izinsuku ezintathu zonke ngiyisilima. Ngizame ukuhlukana naye, afone sikhulume axolise ngixole, siyathandana kumanje kodwa anginaso isiqiniseko noma ngisamfuna yini. Ngihlezi ngicabanga njalo ukuthi ubukise ngami kabuhlungu. Ngiyamthanda kepha nhliziyo nomoya wami akusafuni ukuba naye.
Impendulo
Ngokubuka kwami lo muntu wesifazane uyabona ukuthi uyamthanda manje uyakuxhaphaza. Angicabangi ukuthi ukhona umuntu okuthi ebanjiwe bese ebuyela kulowo mgodi abanjwe kuwo. Ukhumbule bhuti wami, uthando lodwa alwanele. Ungamthanda umuntu kodwa uma ningahloniphani ningazisani akukho la ningaya khona. Intombi yakho ayiluhloniphi uthando lwenu. Kubukeka sengathi isazididekele ukuthi iqhubeke yini nawe okanye ikuyeke. Isimo okusona njengamanje inhliziyo yakho ayikavumi ukuthi umdedele ngoba usamthanda futhi ubungalindele ukuthi kungase kwenzeke into efana nalena. Ngokuhamba kwesikhathi inhliziyo yakho izoxola bese uyamukela uphume kuye. Lo muntu angakubuyela nezifo ngakho ke uma uzoqhubeka nokulala naye kuyomele ukuthi usebenzise ijazi lomkhwenyana.Kungezwakale kahle okwamanje kuwena, kodwa owami umbono owokuthi phuma ngempela kulobu budlelwane!