Umbuzo
MAGUMEDE nginenkinga, ubaba wengane yami akafuni ukuyongazisa kunkosikazi wakhe ukuze sazane kahle. Okubuhlungu wukuthi uyamfihlela nokuthi unengane nami. Uma esho uthi ‘uyangithanda kodwa ungifihlile’. Ngifuna umfazi wakhe angazi ngoba vele sesiwumndeni. Ngifisa nokuthi ingane yami yazane nezakwabo ihlawulwe yenzelwe nezimfanelo zayo. Ngicela ningibonise.
Impendulo
KANGAZI ukuthi wena nesoka lakho nanithembisene ngani ngaphambi kokuba nizalisane. Engikwaziyo wukuthi leyo ndoda ishadile ngakho akulula ukuthatha izinqumo ezizobeka umshado wayo engcupheni. Akulula njengoba ucabanga dadewethu. Okunye awulutsholiwe ngakho awusiyona ingxenye yomndeni. Okwenzekile nje, wukuthi waqoma indoda eshadelwe, wazala ingane. Xoxo nomlisa umuzwe ukuthi uzothini. Ngizocela wehlise umoya kancane ngoba ngibona sengathi uyagagamela. Wena uyishende nje elenze into embi, laqoma umuntu oshadile futhi lamzalela. Maningi amathuba okuthi akazimisele nangokukushada kepha ngisola sengathi ufuna akwenze unkosikazi wesibili. Bengingakweluleka ngokuthi uphume kulowo mcabango, kungenjalo uzophoxeka kakhulu.