Umbuzo
Sawubona MaGumede, nginenkinga sisi. Ngithole umsebenzi eGoli manje isoka lami esengithandane nalo iminyaka eyisikhombisa liyanqaba ngiye. Lifuna ngikhethe phakathi kwalo nomsebenzi. Ngiyamthanda kodwa futhi nemali ngiyayidinga ngoba yimina owondlayo ekhaya. Manje ngididekile angisazi ngenzenjani?
Impendulo
Sawubona sisi. Akusilo iqiniso lokhu okushiwo isoka lakho ngoba uyalithanda futhi uzimisele ngokuba nalo impilo yakho yonke ekubeni futhi kufuneka wenze indlela yokuthi niphile kini.
Kungenzeka ukuthi lisaba ukuthi uzolishiya uma usukude nalo futhi alikholelwa obudlelwaneni obuqhelile. Xoxisana naye umtshele ukuthi nizobonana kanjani nokuthi nobabili uma nizothembana ningaqhamuka namasu okuthi ubudlelwane benu buqhubeke kahle ngaphandle kwezihibe.
Kona ngeke ngiqambe amanga, ubudlelwano bothando uma niqhelelene akuvamisile ukuthi buhambe kahle. Kuyaba owesifazane ohluleka ukuzibamba, noma owesilisa asebenzise leso sikhala esivuleka uma isithandwa sakhe singekho eduze. Inkinga la sikhuluma ngokuthi kumele uphile, nomndeni wakho uthembele kuwena.
Uma eqinisa ikhanda, kuzomele uthathe isinqumo kodwa qinisekisa ukuthi isinqumo ozosithatha sizokusiza ukuze ukwazi ukuphila kanye nokubhekelela ikusasa lakho.
Ngikufisela inhlanhla.