IMOTO: JETOUR DASHING neX70 PLUS
ZIQALILE ukudayisa izimoto zenkampani yaseChina, iJetour obese kunesikhathi kubikezelwa ukuthi zisendleleni.
IJetour South Africa yethule iDashing neX70 Plus.
Isikhulu sakwaJetour Auto, uLi Xueyong, sithe sekunesikhathi begxile emakethe yakuleli futhi bahlose ukuletha izimoto ezinedumela khona.
“Sizilungiselele futhi sihlome ngocwaningo olunzulu ngamakhasimende nendlela yokuthuthukisa imikhiqizo. Ukwethulwa kweDashing neX70 Plus kuyisiqalo,” usho kanje.
Le nkampani ihlose ukusonga lo nyaka isidayise izimoto ezingu-2 000 emagaraji ayo awu-40 futhi kuphele iminyaka emithathu isidayise eziwu-30 000.
I-X70 Plus, okuyiSUV elayisha abagibeli abayisikhombisa, ifika namaLED headlights, ikhamera nama-sensor asiza uma upaka. Ine-panoramic sunroof, izihlalo zesikhumba, ukukha phezulu.
Inenjini engu-1.5 litre kaphethroli enamandla awu-115kW ne-torque ewu-230Nm. U-gearbox uyi-6 speed DCT.
I-Dashing yona ngakolunye uhlangothi inama-LED headlights, izihlalo zesikhumba, izinsiza zomshayeli nezokuphepha ezahlukene nokunye, ukukha phezulu. Nayo inenjini efanayo njenge-X70 Plus
Intengo:
Jetour X70 Plus Momentum - R454 900 and the
Deluxe - R484 900.
Jetour Dashing - R439 900