IMOTO: MERCEDES-AMG C43 4MATIC
IMercedes-Benz C-Class yimoto ebalulekile eNingizimu Afrika kwazise yakhiwa efemini yakwaMercedes ese-East London, e-Eastern Cape.
Nayo le Mercedes-AMG C43 4MATIC yakhiwa kuyona le femu kanjalo neC63 S E Performance engakaqali ukudayiswa.
I-C43 ifika nje, enye imbangi yayo enkulu iBMW M340i xDrive isanda kuphaka impi njengoba ithuthukisiwe futhi ibiza ngaphansi kunayo njengoba iqala kuR1 325 000.
Kuyaziwa ukuthi uma uke wezwa igama elithi AMG okufika emqondweni ngamandla nejubane. Yinto ekhona kule moto yize abanye bakhala ngesikhathi kuvela ukuthi ngeke isaba nenjini eyiV6 njengasekuqaleni kunalokho kuzoba neyi-2.0 4-cylinder ene-48-volt mild-hybrid technology.
Injini incane kodwa amandla makhulu njengoba engu-300kW ne-torque engu-500Nm. U-gearbox uyi-9G-tronic.
La mandla makhulu kunawe-M340i yona ephethe injini enkulu engu-3.0 litre kaphethroli futhi eyi-6 cylinder. Inamandla angu-285kW. I-Audi S4 Sedan nayo inenjini engu-3.0 litre kodwa enamandla angaphansi njengoba engu-251kW.
KwaMercedes bathi iC43 kuyithatha imizuzwana engu-4.6 ukusuka ku-0 ibambe u-100km/h nokuyinto efana ncimishi njengeS4. IM340i yona bathi kuyithatha engu-4.3.
Engingakusho wukuthi iC43 iyakuphendula ikunike okufunayo uma ufuna ukusuka ngamandla. Abangawafuni amandla ababazekayo akwiC63 ezayo angu-500kW azobanelisa lawa.
Inama-drive modes ahlukene okuwuSlippery, Comfort, Sport noSport+. Ngisho ukuComfort kodwa emigwaqweni enganakekelwa kahle uzoyizwa ukuthi iqinile uwazwele amabhampu ngaphakathi.
Ngiqaphele nokuthi uma ishintsha amagiya, ikakhulukazi uma uhamba kancane, inokuxakeka kancane ingashintshi buthule.
Uma umile erobhothini yazicisha kumele usheshe ulususe unyawo ebhrekini ukuze idume ulungele ukusuka bangaze bakuhuthele abangemuva.
Ngale kwalokho iyanamathela emakhoneni futhi namandla amaningi aya emasondweni angemuva. Isiteringi sinesisindo esikahle nasesandleni uma usibambile sigcwala kamnandi okwenza kungabi lula ukuthi sikuphunyuke.
KwaMercedes bathi idla amalitha angu-9.1 ngo-100km. Kube nzima ukufika kulokhu ngoba unyawo belubuye lusinde isivinini sinyuke ngifuna ukuzwa ukuduma kwayo okuyinto oyengezela imali uma uyifuna.
Nabantu vele uma bebona izinqawe ezine ngemuva bafuna ukuzwa ukuduma.
Izinqawe ngezinye zezinto eziyenza idonse amehlo nangemuva.
Ezinhlangothini kugqama amarimu angu-19 inch owengeza uma uthanda njengoba ifika nangu-18 inch.
Ngaphakathi yiC Class oyaziyo ohehwa yi-touchscreen yeMBUX infotainment system enkulu. Yilapho uhlela khona yonke into ngemoto, uxhume iselula nge-Apple CarPlay ngaphandle kwentambo yize ibibuye ibe nokunqamuka kancane, uveze inkombandlela, ubone ingaphandle nengoba inamakhamera emzimbeni nokunye. Kokunye uke uthi uyazixoxela uzwe isukubuza ukuthi ingakusiza ngani njengoba ukwazi ukuyilawula ngephimbo uma uthe “Hey Mercedes”.
Abathanda umsindo zizobajabulisa izipikha ngoba zikhala kahle.
Umshayeli uphinde abe ne-digital instrument cluster eveza imininingwane eminingi nesiteringi esinamabhathini okushintsha kwi-instrument cluster nakwi-infotainment. Amabhathini abuye athinteke unganakile njengoba ethambile.
Engingakuthandi wukuthi uma uyithinta kwi-centre console izwakala ishibhile ngoplastiki eyakhiwe ngawo kodwa kuhle uma ubuka.
I-M340i ngakolunye uhlangothi iqinile futhi nangaphambili isibukeka kahle kakhulu ngama-screen ayo.
Ngale kwalokho yi-sedan ekahle enezihlalo zesikhumba zokuhlala umndeni nebhuthi evuleke kahle ukufaka impahla.
Okubi wukuthi uma wengeza ezinye zezinto lokho kugcina sekunyusa kakhulu intengo yayo.
Intengo:
R 1,653,400
Ifika neService Plan neMaintenance Plan kweminyaka emihlanu noma u-100 000km.