ULondiwe “MaZulu” Zulu ufana njengembali esixukwini sameva uma esenozakwabo eqenjini labo abadlala nabo ama-4x4, iNguni Off-Road.
Leli qembu selizakhele udumo ezinkundleni zokuxhumana, ikakhulukazi iTikTok, uma selikhombisa ngamandla ezimoto zalo ezingama-4x4 uma seziqwala izindaba, zishaya udaka, ziwela imifula nokunye.
Ngaphandle kokuthathwa yizimoto kodwa kuphinde kugqame uMaZulu (41) kwazise nguye yedwa osuke esisixukwini samadoda kuleli qembu elinamalungu angaphezu kuka-50.
“Ngizizwa ngijabule uma ngihleli nabantu besilisa ngoba bayanginakekela, bayangivikela futhi bangithanda njengodadewabo,” kusho uMaZulu.
“Kunezingqinamba ukuba yimi ngedwa owesifazane esixukwini samadoda. Ezinkundleni zokuxhumana abazibekile phansi bayangisho ngoba benomqondo wokuthi uma uphakathi kwabesilisa yingoba ufuna ukujola nabo. Mina ngathola obhuti abangelulekayo. Cishe u-80% wamalungu eqembu lethu ngabantu abazisebenzayo nami bangikhulise kakhulu ngokomqondo nangokwebhizinisi.”
UMaZulu uzalelwe futhi wakhulela eMpembeni kodwa usehlala eNgwelezane, eMpangeni.
Kuthe ngemuva kokuphothula u-matric eTisand Technical High School eSikhaleni wafunda iTransport and Logistics Management eNyuvesi yaseZululand agcine engayiqedanga.
“Ekhaya bekunezimoto, ngaba nothando lokuzishayela. Enye yezimoto kwakuyiToyota Venture okwakuthi uma sesiqede ukuhambisa izingane umshayeli wayo uThulani Khanyile angifundise ukushayela. Ngaleso sikhathi ngangifunda u-standard 7 (Grade 9). Enye engangiyishayela kwakuyiNissan Hardbody. Ngangiyintombazane eyayifuna ukushayela ngisho abazali bengekho, ngangithatha isikhiye ngithi ngiyobacinga. Ukushayela nje kwakuyinto yami.”
Uthe uyise wamthengela iToyota RunX ngo-2006 ukuze ayeke “ukuhlupha” ngokuthatha izimoto zasekhaya kepha abe neyakhe. Ngalezo zikhathi futhi wathuthela eGoli wenza izifundo zokuba yiphoyisa likaMasipala wakhona ngaphambi kokuqashwa embuthweni wakhona.
Uthe ngo-2011 wesula wayosebenza kuMasipala waseMhlathuze njengephoyisa lakhona.
“Nasemsebenzini sisebenza ngakho ukushayela ngoba ngiyakuthanda.”
Uqhube wathi nyakenye kuthe uma kushona umkhaya wakhe waseMpembeni, uMuzi Mthiyane, wezwa kuthiwa kuzohlanganyelwa enxanxatheleni yezitolo i-5 Ways eMpangeni kuyovelwa kubo.
“Ngathi uma ngifika endaweni yokuhlangana kwaba yimi ngedwa owesifazane. Obhuti ababekhona babehamba ngamaveni okuyilapho engathola khona ukuthi baneqembu iNguni Off-Road. Ngajoyina ngaba yimi ngedwa owesifazane nokuyimanje kusenjalo. Mina ngihamba nge-Isuzu D-Max. Sihamba zonke izindawo ngisho naseGoli, siyodlala. Umdlalo wethu owokukhombisa amandla amaveni. Abantu uma beyithenga abakwazi ukuthi yenza ini. Thina siwathatha sikhombise. Abanye bakubona njengengozi futhi abanye bakubona njengokuyilimaza. Kuthina kumnandi futhi senza into imoto ekhandelwe yona.”
Unxenxe nabanye besifazane ukuthi bangawushalazeli umdlalo wabo njengoba okwamanje kusagcwele abantu besilisa.
“Abasondele ngoba yindlela emnandi yokupholisa ikhanda. Kumnandi futhi ngaphandle komdlalo siyakhulisana ngokwempilo. NgoNovemba 29 sizobe sihambele eNgodini Bunduz, eShowe endaweni yelinye lelungu lethu uThokozani Mabaso siyodlala khona. Abeze bezobona, uma benothando bejoyine. Ukujoyina ukwenza ngokuhambela imidlalo emithathu bese uba yilungu lethu ngokugcwele nemoto yakho.”
ENgodini Bunduz kuzobe kunomcimbi waminyaka yonke iNgodini Bunduz Games ezodonsa impelasonto. Kuzobe kudlalwa ama-4x4, izithuthuthu nokunye. Amathikithi aseqalile ukudayisa eTicketpro ngo-R300.