Likhulu isasasa ngomcimbi iBMW M Fest ezoba seKyalami Grand Prix Circuit, eGoli kusuka namuhla ngoLwesihlanu kuze kube yiSonto.
Lo mbukiswo ohlelwa yiBMW South Africa, wagcina eminyakeni emibili ukuba khona.
Amathikithi amaningi awo - abeqala kuR350 - asedayise aphela. Ngokwe-howler, okuyi-website adayisa kuyo, kuvela ukuthi kusele abiza uR3 500 angoMgqibelo nangeSonto kuphela.
Kulo mbukiso kuzobe kukhonjiswa iBMW M3 Touring yokuqala ngqa ukwenziwa.
Le moto inenjini engu-3.0 litre 6-cylinder in-line efuqa amandla angu-390 kW ne-torque engu-650Nm. Isuka ku-0 ihlale ku-100km/h ngemizuzwana engu-3.6 kanti igcina ku-290km/h.
Ibiza u-R2 195 000 kanti kwaBMW bathi isidayise yaphela.
Enye imoto ebhekwe kakhulu embukisweni yiM5 entsha. Yona inenjini engu-4.4 litre V8 M Hybrid ekhafula amandla angu-535 kW ne-torque engu-1 000Nm. Isuka ku-0 ibambe u-100km/h ngemizuzwana engu-3.5 kanti ijubane elikhulu ligcina ku-305km/h.
Intengo yayo ngu-R2 690 000.
Izethameli zizothola ithuba lokuzigibela zizungeze enkundleni iKyalami.
Ezinye izimoto ezizobe zikhonjiswa kubalwa kuzo i-X3 entsha yakhiwa ePlant Rosslyn, ePitoli kanjalo ne-1 Series entsha. Kukhona negaraji lezimoto okufakwe kuzo ezinhlobonhlobo zakule nkampani.
Abathanda izidudla kuzobe kuboshelwe uSam Sam, Kathra, Kayla nabanye.
Kunezitolo ezidayisa izimpahla zakwaBMW, ezidayisa ukudla nokunye.
Konke lokhu kuzobe kushetshwa nomculo kwazise kuboshelwe inqwaba yabaculi abazonandisa ngezinsuku ezahlukene.
Phakathi kwabo kubalwa uDJ Zinhle, Uncle Waffles, Samthing Soweto, Big Zulu, nabanye abaningi.
NgoLesihlanu kuqalwa ngo-2 emini kuya ku-9 ebusuku.
NgoMgqibelo nangeSonto kuzoqalwa ngo-9 ekuseni kuya ku-9 ebusuku.