Intandokazi yebhasi iMercedes-Benz V-Class isingenye yezimoto esezithintwe ngabe SVI Engineering ukuyenza ingangeni inhlamvu uma idutshulwa.
IV-Class ifakwe iB4 ballistic protection, okusho ukuthi izinhlamvu zezibhamu ezincane kuyoshaya kwi-.44 Magnum azingeni.
Bathi ayikhombisi nakancane ukuthi ifakwe okokuyivikela ukuthi inhlamvu ingangeni.
KwaSVI bathi kuthatha izinyanga ezintathu ukuyifaka lokhu, futhi kwengeza isisindo esingu-400kg emotweni. IV-Class inenjini engu-2.0 litre turbodiesel enamandla angu-174kW netorque engu-500Nm. Idonsa ngamasondo angemuva ngo-gearbox oyi-9G-Tronic.
Inhloko yezokumaketha kwaMercedes-Benz Vans SA, uMarinus Venter, uthe bahlale njalo befuna ukuqonda izidingo zamakhasimende abo.
"Sikholwa wukuthi lokhu kuphepha okwengeziwe kuzokwenza amakhasimende ethu akhululeke emgwaqeni," kusho uVenter.
Isikhulu esiphezulu sakwaSVI Group, uJaco de Kock, uthe kule minyaka edlule siya ngokunyuka isibalo sabantu abafuna izimoto zikanokusho ezingadubuleki.
Ama-oda aleV-Class azovulwa ngoSepthemba emagaraji akwaMercedes-Benz futhi i-maintenance plan ayithinteki.
Ukufaka okokuyenza ingangeni inhlamvu kunguR960 750, ingakangeni intela yeVAT.