IZIQWALANTABA zezimoto ezingama-4x4 zizoqhathwa ziphoselwe izinselelo ezahlukene kubhekwe umakhonya emdlalweni iNgodini Bunduz Games ezoba seNgodini Bunduz, eShowe, ngenyanga ezokwethwasa.
Imidlalo iNgodini Bundu Games kuzoba ngokwesishiyagalombili isingathwa nonyaka.
Umnikazi wendawo ohlela imidlalo, uThokozani Mabaso, uthe amalungiselelo ahamba kahle.
“Silindele izimoto eziqhamuka yonke indawo. Okusijabulisayo wukuthi kunasebeqinisekisile abasuka eMozambique, eBotswana naseLesotho. Kunamaqembu ahlukene azayo ahamba ngama-4x4 azobe encintisana,” kusho uMabaso othe kuzobe kudlalwa nezithuthuthu ezinamasondo amane.
“Kulo nyaka abantu bazobe bencintisana ngamaqembu. Ukwenza isibonelo, iBlack Jeepers izokhetha izimoto ezintathu ezethembayo ezizomela iqembu neNguni Off-Road kanjalo. Amaqembu azodlala imidlalo ehlukene yokuchusha emapalini engawthini, ukushayela odakeni, ukudonsana enye ibheke le nenye ibheke le kubonakale enamandla, ukushayela uvale amehlo ube uyalelwa wumgibeli wakho ukuthi kumele uye kuphi neminye. Iqembu elizothola amaphuzu amaningi yilo elizonqoba.”
Uthe imidlalo ngeke igxile kuphela ezimotweni kodwa bahlose ngayo ukuthi kube wumcimbi odonsa izivakashi esifundeni iKing Cetshwayo.
“Yingakho senze okwehlukile kulo nyaka senza indikimba ekhuluma ngamasiko nangemvelaphi yethu ukuze lowo nalowo ahlobe ngemvunulo yakubo. Ngaleyo ndlela sigqugquzela nokuhlala ngokubezelelana ngokwezizwe esivela kuzo. Ozobe evunule kahle uzothola indondo. Kuzobe kunenkosi yasoHabeni ezisivakashela. Izingeniswa yizintombi zoMhlanga ezizobe ziviliyela namabutho kanjalo namahhashi azobe etelebhela.”
Uthe bazovala umcimbi ngokuthi bayontweza ngezikebhe edamini iPhobane.
“Asifuni ukuvalela abantu eBunduz kuphela yingakho sibakhipha siye nasePhobane. Nezindawo eziseduze bengazivakashela ngoba sifuna ukuthuthukisa indawo yangakithi. Siyabonga nangokuthi uMasipala iKing Cetshwayo ususondele ekutheni usebenzisane nathi.”
Lo mcimbi uzoba ngoNovemba 29 kuya ku-1 Disemba.
Amathikithi aseqalile ukudayisa eTickepro ngoR300 impelasonto yonke.
“Amathikithi ahamba kahle njengoba sesidayise u-40%. Ngoba kuphela inyanga nje, silindele ukuthi abantu baphinde bathenge amanye. Ongenalo uzoba senkingeni,” kusho uMabaso.