UKUSHUNWA kwezimoto yinto abantu abayikhonzile ukuze zehluke esixukwini, zingabukeki ngendlela eyejwayelekile.
Babodwa abazishintsha umbala, abanye bazishintsha amalambu zikhanyise ngesitayela, kokunye behlisa i-suspension zikhase phansi nokunye okuningi.
Nokho inkampani eyeluleka abashayeli iMoto Online, ithi kunezinto eziningi okumele uzibheke uma usuthathe isinqumo sokushuna imoto.
"Uma ukushuna kwakho kuphazamisa indlela imoto okumele ihambe ngayo kuba yinkinga ngoba amaphoyisa asengayibopha. Omunye ukhiye wumshwalense ne-warranty yemoto yakho," kusho iMoto Online.
Ithe ungazifaka izinto emzimbeni ngenhloso yokuhlobisa imoto inqobo nje uma ingeke ibhotshozwe.
"Into oyinamathiselayo ilungile kodwa uma usuyibhoboza sekuthinta indaba yokurasta kwenzimbi nezinga lazo. Okunamathiselayo kumele uqaphele ukuthi akukusithi njengokufaka izitikha emawindini, lapho sekuthinteka ukusebenza kwemoto nawe ungakwazi ukubona kahle. Umsebenzi wewindi ukubona ngokuyingakho kunendlela yokudima engavumelekile. Ungafaka nje i-spoiler esincane ngemuva ngoba asiphazamisi, ungafaka amabheshu nedevu elincane ngaphambili le carbon fibre uma uthanda."
Ithe uma kwenzeka ushintsha umbala wemoto kumele ubikele iziphathimandla nomshwalense wakho.
"Izinsimbi akuvumelekile ukuzithinta emotweni, i-suspension, injini no-gearbox ngoba uzitshela ukuthi ukwenza kube ngcono kanti uphazamisa ne-warranty. Namaphoyisa angakubopha uma usuyishune kanjalo. Nanoma usuyidayida ayiphasi uma ihlolelwa ukuthi ikulungele yini ukuba semgwaqweni. Uma ushintsha umbala noma uyifaka i-wrap uyenza ibe mnyama kade imhlophe kuba yinkinga uma isitshontshwa. Amaphoyisa nabe-tracker bayaphuma babheke imoto emhlophe ngokubhaliswa kwayo emabhukwini kanti wena usuyenze yaba mnyama. Nomshwalense ungagoloza nokukhokha. Kubalulekile ukuthi uwazise ngezinguquko."
Amalambu namathayi ngezinye zezinto abashayeli okumele baziqaphele uma beshuna imoto.
"AmaHID light awavumelekile ngisho uwathenga bayakutshela ukuthi uma usugijinyiswa amaphoyisa awukwazi ukuza kubo. Namathayi kunomgomo wokuthi ungawashintsha ugcine kuphi ngoba imoto yakhiwe ngendlela ethile yokuvuleka nokuphakama. Kuyenzeka ithayi lingahambelani ne-suspension. KuneQuantum elafaka amathayi amakhulu lafa i-diff i-warranty ayangakhokha."
Kwelulekwe abashayeli ngokuthi uma beshuna babheke okudayiswa yizinkampani abathenga kuzo noma okuphasiswe yizo ukuthi kungafakwa ezimotweni ngoba i-warranty ayithinteki lapho.