IMOTO: VOLKSWAGEN POLO VIVO LIFE
IZIBALO zokuthengwa kwezimoto ezintsha eNingizimu Afrika zikubeka kucace ukuthi iPolo Vivo iyimoto ebaluleke kangakanani hhayi kuphela kwaVolkswagen kodwa emakethe yakuleli jikelele.
Kusongwe uhhafu wokuqala wonyaka amaveni kuyiwo athengwa kakhulu bese kuthi esigabeni sezimoto ezincane kube yiyo iPolo Vivo elandelwa yiToyota Corolla Cross.
Lokho kusho ukuthi kwaVW uma befuna ukuqhubeka nokudayisa kahle kumele benze isiqiniseko sokuthi amakhasimende aneme.
Yinto asebeyenze ngokuthi bayithuthukise iVivo ukuze iqhubeke nokuheha kwazise nezimbangi azizibekile phansi, ziyayiphaka impi.
Bheka ngoba iSuzuki iletha iSwift entsha kanti iGrand i10 ithuthukisiwe ngasekupheleni konyaka kanjalo neKia Picanto ezinyangeni ezedlule.
Nokho kuzomele ube ngumuntu oqaphelayo uma ufuna ukubona ushintsho endleleni ebukeka ngayo ngaphandle ngoba awukho umehluko otheni abawenzile.
Mhlawumbe khona lokho kube yiqhinga elihle ukuthi bangafuni ukwenza okuningi ngoba bekungenzeka kuxoshe amakhasimende.
Izinguquko zihlanganisa ubhampa ngaphambili, ikakhulukazi ngezansi abathe ukuwuthinta imbijana. Kukhona ama-fog lights ngezansi kanti nophawu lwakwaVW bathe ukuluthinta mbijana.
Yini impilo ngesiXhosa – ubomi angithi? Angithi iVivo yakhiwa efemini yakwaVW eseGqeberha. Abasebenzi bavele betha amarimu amasha angu-15 inch ngokuthi Ubomi. Yiwo lawa iLife, esihamba ngawo, enyathela ngawo.
Ungakadideki kakhulu, iLife yileyo ebibizwa ngeComfortline ekuqaleni. ITrendline isishintshile isibizwa ngokuthi yiVivo. IHighline yiStyle bese kuthi iGT iqhubeke nokuba yiGT njengasekuqaleni.
Uma ujeqeza ngemuva uzoqaphela ukuthi igama layo seliphakathi nendawo ezansi kophawu nokuyinto efana nakwezinye izinhlobo zezimoto zakwaVW.
Cishe yingaphakathi lapho ongadingi ukufifiyela khona uma ufuna ukubona umehluko. Phela kufakwe i-touchscreen infotainment system entsha engu-9 inch.
Yakhiwe yinkampani yase-Argentina, iMirgor, okuyiyo futhi eyakha eyeVW Amarok edayisa kuleliya lizwe. Empeleni kuthe uma ngixhuma iselula yami nge-Apple CarPlay yabhala ukuthi “VW Amarok 24MY”.
Inendawo yokushaja nge-USB futhi ngiyakuthanda ukuthi kunezindawo eziningi zokubeka izinto ezinjengeziphuzo.
Indlela izihlalo ezakhiwe ngayo ithuthukisiwe kanti kwezangaphambili uyakwazi ukwengeza ama-airbag asemaceleni. Lokhu kwenza abe mane nokungenye yezinto ezengeza ukuphepha kwabagibeli.
Okunye okwenza baphephe abasemotweni yi-Electronic Stability Control efakwe kuzo zonke izimoto, ayihlehli uma isuka endaweni enyukayo futhi ine-remote central locking.
Yishwa nje ukuthi amawindi angemuva namanje asavulwa nesandla, awangaphambili kuphela avulwa ngogesi.
Ngale kwalokho isafana ubukhulu bayo ngaphakathi futhi ibhuthi ingu-280 litres. Yinto enkulu kune-Kia Picanto engu-255 litres kodwa engaphansi kuneGrand i10 eshaya ngo-360 litres neToyota Vitz ephethe u-295 litres.
Ngaphansi kwebhonethi injini isafana. Inenjini engu-1.6 litre kaphethroli enamandla angu-77kW ne-torque engu-153Nm. Ebesihamba ngayo ino-gearbox oyi-6 speed automatic ebengibuye ngizwe sengathi ushintsha njalo. Emgwaqweni ihamba kahle ayifani nalezi zimoto ezincane othi uma uphambana neloli uzwe sengathi iyaphephuka.
Ngizwe nomoya wangaphandle ungemningi ongena ngaphakathi emotweni.
Uma unawo amandla ungengeza ikhamera nama-sensor asiza uma upaka ukuze ungabi nayo inkinga.
Amandla akhona futhi kuphethroli idla amalitha angu-6.1 ngo-100km.
KwaVolkswagen kusho ukuthi bavele balandela inkulumo yokuthi “ungalungisi uma kungabhedi” kwiVivo ethuthukisiwe bangathinta okuningi. Okuhle wukuthi kulokhu abakwenzile intengo abayinyusanga kodwa isafana nasekuqaleni.
Intengo:
Polo Vivo 1.6 77kW Life Tiptronic R320,200
Ifika ne-warranty yeminyaka emithathu noma u-120 000km, warranty yenjini yeminyaka emihlanu noma u-150 000km ne anti-corrosion warranty yeminyaka eyisithupha. IMaintenance Plan ne-service plan ukuthenga eceleni.