IMOTO: GAC MOTOR EMKOO
IGUANGZHOU Automobile Group Motor Co.Ltd. (Gac Motor) ifike eNingizimu Afrika nonyaka yethula kulandelana izimoto ezimbili okuyiGS3 Emzoom ne-Emkoo.
I-Gac Motor ngeyaseChina kodwa ilethwa kuleli yinkampani yasePortugal, iSalvador Caetano.
I-Emzoom incane kune-Emkoo esihamba ngayo.
I-Emkoo lena ihlukene ngezinhlobo ezimbili okuyi-Executive ne-Executive Plus.
Ifika ihambela phezulu ngamarimu angu-19 inch, iphethe i-spoiler ngemuva, izimbombo zezinqawe zomgunyathi futhi ne-wiper alikho ngemuva. Amalambu angamaLED ngaphambili nangemuva.
Amalambu lawa “ayadansa” uma uthanda. Okwenzayo wuciphiza kwi-toushcreen ngaphakathi usethe bese kudlala umculo amalambu aqale abhanyaze sakudansa ngemuva nangaphambili. Kokunye ivula namawindi ngesikhathi kuqhubeka lokhu. Yinto le engithe ngiyenzela abangani bami kwangathi shu kubo cishe kodwa ingazijabulisa izingane ezincane.
Ngaphandle iyabukeka okungenye yezinto izinkampani zaseChina eziqinisa kuzo kodwa ngemuva bebengenza kangcono. Omunye umfo uze wangibuza ukuthi ihamba ngogesi yini. Injini ngizochaza ngayo kungekudala.
I-Emkoo ibanga abathengi neKia Sportage, Hyundai Tucson, VW Tiguan, Toyota Rav4 nezinye.
Ngikubekela lokhu ukuze uzobona ubukhulu bayo njengoba iphethe i-wheelbase engu-2 750mm. Ngabe ngidlala ngawe uma ngithi abagibeli bancishwe isikhala sokuhlala nokunye yezinto edlulsa ngazo. Nebhuthi futhi evuleka ngogesi nayo inesikhala esikhulu esingu-638l.
Enye into enkulu yi-sunroof okhakhayini kanjalo ne-touchscreen infotainment system engu-10.1 inch. Uxhuma kuyo iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto. Ngezansi kunezindawo sokushaja nge-USB neyodwa ngemuva.
Eyokushaja ngaphandle kwentambo yenza iselula ibe seduze kodwa iyaxhopheka elangeni.
Okunye enakho yizibuko zasemaceleni ezifudumalayo ziphinde zivaleke ngogesi, iyazipaka, Heads-Up Display izihlalo zesikhumba ezifudumalayo eziphinde zibande, adaptive cruise control, nokunye.
I-Emkoo inenjini engu-1.5 litre turbo kaphethroli. Inamandla angu-130kW ne-torque engu-270Nm kuthi u-gearbox ube yi-7 speed automatic. Bathi idla amalitha kaphethroli angu-6.4 ngo-100km kodwa kimi ibidla 9.6l/100km.
Emgwaqeni intofontofo kodwa inkinga yi-turbo lag. Uthi uma ufuna ukudlula enye imoto unyathele kuthathe isikhashana ngaphambi kokuzwa bese inyusa isivinini. Igcina isizwakala ngathi iyavilapha. Namagiya ebebuye ezwakale ngathi awangeni ngendlela eshelelayo uma ihamba ngesivinini esiphansi.
Inama-drive mode ahlukene okungu-Economy, Comfort noSport kodwa isikhathi esiningi bengiyibeka ku-Eco noComfort.
KwaGac Motor basanda kumemezela ukuthi ifika ne-warranty yenjini yangunaphakade kodwa kunohide lwemigomo nemibandela.
Intengo:
Emkoo Executive Plus: R659 900
Ifika ne-warranty yeminyaka emihlanu noma u-150 000km ne-service plan yeminyaka emihlanu noma u-100 000km.