IMOTO: HONDA AMAZE
Abantu abaningi bazifela ngezimoto eziphakeme ezingamaSport Utility (Vehicle) nokufakazelwa yizibalo zokuthengwa kwawo.
Lezo ezingama-sedan azisenalo idumela njengakuqala. Ama-sedan abiza intengo ephansi ayinyama kakhulu kulabo abasebhizinisini lokuthutha abantu bese bekhokhelwa ngebanga abalihambile.
Yingakho iHonda Amaze ingenye yezimoto ezande kakhulu kulabo abakulelo bhizinisi. Lokho kodwa akusho ukuthi noma ungekho khona ngeke uyithenge uma uyithanda ngoba kuningi okuhle ngayo.
Yikho ukuthi nayo isembangweni wabathengi bezimoto engingabala kuzo iHyundai Grand i10 sedan, VW Polo Vivo Sedan, Kia Pegas neSuzuki Dzire.
Ngaphandle bayihlobise nge-chrome kwi-grille nasezansi ngakuma-fog lights. Imesha kahle namarimu angu-15 inch acwebezelayo. Uyayifica futhi nangemuva ezansi kubhampa.
I-Amaze iyimoto ebukeka iqoqekile kodwa ingimangazile indlela evuleke ngayo ngaphakathi kwazise i-wheelbase ingu-2 470mm. Ibhuthi ingu-420 litres nokuyenza ibe nkulu kuneyeGrand i10 neDzire kodwa ibe ncane kunePegas nePolo Vivo.
Okuyinkinga wukuthi izihlalo awukwazi ukuzilalisa uma ufuna kwande isikhala.
Yize kunjalo kodwa esabagibeli sanele futhi nesikhala samadolo ngisibone sikhona, Yizihlalo nje engingazithandanga, ikakhulukazi ezangaphambili ezinento sengathi iqumbile emgogodleni. Mhlawumbe ngokuhamba kwesikhathi ugcina usujwayele.
Ngaphambili kunesikhala sokubeka iziphuzo nokuyinto enhle kanjalo neselula uma uyishaje nge-USB.
Iselula uma uyifakile iyakwazi ukuvela kwi-touchscreen infotainment system engu-7 inch njengoba ine-Apple CarPlay noma i-Android Auto. Ukwazi ukudlala ne-video nge-USB nokuyinto engicabanga ukuthi ayikho ezimbangini. Iphinde iveze ingemuva uma uhlehla.
Ngaphansi kwebhonethi kunenjini engu-1.2 litre kaphethroli enamandla angu-66kW ne-torque engu-110Nm. Ezinye zino-gearbox oshintshayo kodwa ebesihamba ngayo iyazishintsha iyiContinuously Variable Transmission (CVT).
Kuphethroli bathi idla amalitha angu-5.7 kodwa kimi ibihleli ku-7.1 ngesikhathi ihamba ngemuva kokuhlala isonto ngahamba ngaphezu kuka-378km ngaphambi kokuthi uphethroli uphele.
Emgwaqweni ihamba kahle, no-gearbox ushintsha ngale kwenkinga yikho nje ukuthi inomsindo womoya ngaphakathi.
Inama-airbag amabili ngaphambili ukwengeza ezokupphepha kanjalo namabhreki e-ABS ne-electronic brake force distribution.
Intengo:
Honda Amaze 1.2 Comfort CVT: R285,900
Ifika ne-service plan yeminyaka emibili noma u-30 000km. i-warranty yeminyaka emihlanu noma u-200 000km ne-AA Roadside Assistance yeminyaka emithathu.