IMOTO: TOYOTA VITZ
Uma ucabanga ukuthi iToyota Vitz ibukeka njengemoto oke wayibona phambilini, awuphazami ngoba isuselwe kwiSuzuki Celerio.
KwaToyota bachaza ubudlelwano babo njengosebuthele izithelo nokuyingakho bethula iVitz entsha. Iyimoto encane eyelama ezingasekho, i-Aygo ne-Agya, yona ebisuselwe kwiDiahatsu Ayla.
IVitz inenjini engu-1litre enamandla angu-49kW netorque engu-89Nm. Inogearbox ozishintshayo (automated manual transmission) okanye oshintshwayo.
Kuphethroli, bathi eshintshwayo idla amalitha angu-4.4 ngo-100km, kuthi ezitshintshayo idle angu-4.2 ngebanga elifanayo.
Le moto ihlukene ngezinhlobo ezimbili, okuyiVitz neVitz XR. Inamarimu angu-15 inch, amafog lamps, ibhuthi engu-295 litres futhi izihlalo ziyakwazi ukulala uma ufuna kwande isikhala.
Okunye kuya ngenhlobo yakho kodwa ngaphakathi kunetouchscreen oxhuma kuyo iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto, ineBluetooth, air conditioning, amabhathini esiteringini, amawindi kagesi kanjalo necentral locking.
Ukuze umshayeli nabagibeli baphephe, bafake amasensor asiza ukupaka, Anti-lock Braking System (ABS), ayihlehli uma isuka endaweni enyukayo, indawo yokufaka isihlalo sengane kanjalo nama-airbag ngaphakathi.
Ukwethulwa kweVitz kuqondaniswe nokwethulwa kweKinto okuwuhlelo olusha lokuthi abantu bashayele izimoto zakwaToyota.
IKinto iwuhlelo lokuthi umshayeli asayine inkontileka yokusebenzisa imoto isikhathi esikaliwe, akhokhe imali eyodwa okuthi uma sekuphele isikhathi sesivumelwano imoto ibuyele emuva.
Imali oyikhokhayo ihlanganisa amasevisi nokunakekelwa kwemoto. IKinto izoqala ngeVitz futhi izomenyezelwa ngokuhamba kwesikhathi.
Intengo:
Vitz 1.0 MT – R 189 900
Vitz 1.0 XR MT – R 219 900
Vitz 1.0 XR AMT – R 239 900
Zonke zifika neservice plan yeminyaka emibili noma u-30 000km newarranty yeminyaka emithathu noma u-100 000km.