Ukhetho lukahulumeni emazweni alinganiselwa ku-50 emhlabeni jikelele, okukhona kuwo iNingizimu Afrika, kuzoba nomthelela ongemuhle ekudayiseni kwezimoto ngo-2024.
Lokhu kuvele embuthanweni waminyaka yonke wakwaToyota South Africa Motors, iState of the Industry (Somi), eKyalami Grand Circuit, eGoli, izolo.
Ngonyaka odlule kudayiswe izimoto ezintsha ezingu-532 098 nokuyisibalo esinyuke ngo-0.5% uma kuqhathaniswa no-529 562 owadayiswa ngo-2022.
Kuvele ukuthi ukunyuka kwentengo yezimoto kube nomthelela nokwenze ukuthi amakhasimende abambelele ezimotweni zawo ngenxa yengcindezi. Lokhu kuthiwa kusazoqhubeka.
Isikhulu esiphezulu saseTsam, u-Andrew Kirby, siqagule ukuthi ukuthengwa kwezimoto kulo nyaka kuzonyuka ngo-1.5% uma kuqhathaniswa no-2023. Uthe zizolinganiselwa ku-540 000.
“Uma kubhekwe okhethweni kuba nokungabaza okukhona,” kusho uKirby.
Uthe awukho umnyakazo otheni olindeleke kuhhafu wokuqala wonyaka kuze kube ngowesibili.
Nyakenye amaSUV aqhubekile nokudayisa kakhulu njengoba ebe ngu-51% kuyo yonke imakethe yezimoto ezincane.
Emavenini, amadouble cab yiwo adayisa kakhulu futhi nesibalo samaloli amakhulu athengiwe sinyukile nokuthiwa inkinga yokuthutha impahla ngezitimela ibe nomthelela.
IToyota iveze ukuthi iningi lezimoto ezidayisa kuleli zilandwa e-India.
Zibe ngu-146 095 (42%) izimoto ezikhiqizwa khona ezidayisiwe. Ezakhiwa kuleli zibe ngu-82 219 (24%), China (9%), Germany (6%), Japan (5%), Spain (4%) neSouth Korea (3%).
“Akuzona izinkampani zase-India noma ezaseChina kodwa yizinkampani ezahlukene ezikhiqiza kula mazwe. EChina kungenzeka ukuthi kube yizinkampani zakhona,” kusho uKirby.
Ukuthengwa kwezimoto zikagesi nakho kunyukile uma kuqhathaniswa nango-2022.
Kuthengwe amahybrid angu-6 495, ama plug-in hybrid angu-267 nezihamba ngamabhethri kuphela ezingu-931.
IToyota iyona esonge unyaka, idayise kakhulu njengoba kuthengwe izimoto ezingu-142 612.
IHilux yiyo edayise kakhulu kuthengwa angu-37 382. Ilandelwe yiCorolla Cross ngo-22 592 neStarlet ngo-15 713.
Le nkampani iphinde yadalula ukuthi yiziphi izimoto ezozethula kulo nyaka nangozayo.
Phakathi kwazo kubalwa kuzo iHilux ene-48V mild hybrid electric package. Isiza ukunyusa amandla ngo-12kW no-65Nm. Bathi ilekelela nasekongeni udizili.
Izokwethulwa ngoMashi.
Enye eza ngoMashi yiHilux GR-S III. Phakathi kwenakho umzimba obanzi namasondo asobhuqwini. Amandla enjini awashintshwanga njengoba engu-165kW.
Ngenyanga ezayo kuzoqala ukudayisa iLand Cruiser 70 Series entsha. Sekwengezwe injini engu-2.8 GD-6 futhi kungokokuqala ukuthi ibe nogearbox ozishintshayo.
Izolandelwa yiLand Cruiser Prado ngo-Ephreli.
Ngonyaka ozayo kuzokwethulwa iToyota bZ4X ehamba ngogesi wodwa neLexus RZ nayo ehamba ngogesi wodwa.