ININGIZIMU Afrika ibheke ukuthi isingathe umjaho weFormula One ngo-2027.
Lokhu kuvezwe wuNgqongqoshe wezemiDlalo, ubuCiko namaSiko kuzwelonke uMnuz Gayton McKenzie esithangamini nabezindaba eKyalami Grand Prix Circuit, eGoli, ngoLwesithathu emini.
UMcKenzie uthe bahlose ukuthi basingathe umjaho ngo-2027 “kodwa uma sibe nenhlanhla kuzoba wu-2026”.
I-F1 yagcina ukusingathwa kuleli eKyalami Grand Prix Circuit, eGoli, ngo-1993, ngezikhathi zoMichael Schumacher no-Ayrton Senna.
“Sithanda ukuqale sibonge uLewis Hamilton. Ume neNingizimu Afrika yedwa, abanye bethi uyahlanya kodwa akaze ashintshe, ethi iF1 ayize e-Afrika. Namhlanje akayedwa, baningi abasho njalo,” kusho uMcKenzie.
Uthe ngeke baze baphumule ngaphambi kokuthi iphupho likaHamilton - osenqobe izicoco zeF1 amahlandla ayisikhombisa – lingakafezeki.
Ngesonto eledlule, ngesikhathi i-Federation Internationale de l'Automobile (FIA) isingethe imiklomelo yabashayeli eRwanda, uMengameli wakuleliya lizwe, uMnuz Paul Kagame, uveze ukuthi bazimisele ngokusingatha iF1 khona.
UMcKenzie uthe abazona izimbangi neRwanda futhi bayifisela inhlanhla.
Uthe e-Europe kunemijaho eyisikhombisa.
“I-Italy inemijaho emibili yeF1. Izwe elilodwa linemijaho emibili kodwa izwekazi lonke alinalutho. Asikwazi ukuvumela lokho. Asikwazi ukuthula singaphethwe kahle. Uma useMonza uhamba amakhilomitha amahlanu nge-uber uye e-Imola noma uye eMonaco.”
Uqhube wathi wonke umuntu kuleli uvumelekile ukufaka isicelo sokusingatha umjaho. Ikomiti eliqokiwe lizobe selibuyekeza izicelo.
Umemezele ikomiti elinamalungu angu-13 okuyilo ezicobungula izicelo lizimele ngaphandle kokugxambukela kukahulumeni.
Uthe ikomiti kuzothi ngoFebhuwari wonyaka, ozayo libuyele kuhulumeni negama lomphumela esicelweni sakhe. Liyobe selidluliselwa kwikhabhinethi ukuba liphasiswe.
Uthe imali ayiyona inkinga ngoba ziningi nezinkampani ezizimele ezifuna ukuxhasa.