IMOTO: RENAULT DUSTER
ISIGCINE ifikile iRenault Duster entsha okuke kwasikazwa ukuthi ingase itheleke kuleli ngonyaka odlule kodwa kwaba nokubambezeleka.
IDuster entsha, kwamanye amazwe edayisa njengeDacia, yethulwe emhlabeni ngo-2023. Ekhona manje yinhlobo yesithathu njengoba eyokuqala yaqala ukudayisa ngo-2010.
ENingizimu Afrika iqale ukudusayisa kusuka ngo-2013, ngaphambi kokuthi eyesibili ilandele ngo-2021.
Entsha bathi yize ihlukile kunendala kodwa yakhelwe phezu kwesisekelo sempumelelo yezinhlobo ezindala. Ihlukene ngezinhlobo ezintathu okuyi-Zen eno-gearbox oshintshwayo nozishintshayo ne-Intens ezishintshayo.
Kwabathanda injini kadizili ayisekho, kunalokho kukhona ezikaphethroli enye ene-mild hybrid system. Injini leyo ingu-1.2 litre 3-cylinder turbo charged kaphethroli nebhethri elingu-48V. Inamandla angu-96kW no-gearbox oyi-6 speed manual.
Bathi ubuhle bayo wukuthi idla kancane kuphethroli ngo-12.3% kunekaphethroli engeyona i-hybrid, ikhipha isisi esincane esingcolisa imvelo kanti futhi ihamba kangcono, ikakhulukazi esiminyaminyeni.
Enye injini ingu-1.3 litre turbo charged kaphethroli enamandla angu-113kW ne-torque engu-250Nm. Isebenza no-gearbox ozishintshayo oyi-EDC futhi idonsa ngamasondo amabili. Bathi ngo-100km idla amalitha angu-6.5.
Ngaphandle, iDuster inamalambu angamaLED nama-roof rails athwala isisindo esingu-70kg kweyi-6 speed manula 4WD. Injalo nje inamarimu angu-17 inch okanye angu-18 inch kanti igabade ilishiye ngo-217mm.
Ngaphakathi inkulu ngoba ilayisha abagibeli abayisihlanu futhi isikhala ebhuthini singu-472 litres.
Ine-7 inch digital instrument cluer, 10.1 inch touchscreen infotainment system oxhuma khona oselula nge-Apple CarPlay/Android Auto ngaphandle kwentambo, ikhamera eveza ingaphandle, ama-airbag ayisithupha, iyasho kuzona zonke izihlalo uma kukhona ongalifasile ibhande, ne-automatic climate control.
I-Intens yona yengeza ukuthi isho uma kunemoto eseceleni, inekhamera eveza wonke umzimba ngaphandle kanjalo nama-sensor ngaphambili ngemuva, izibuko zasemaceleni ziyagoqeka, amarimu angu-18 inch, indawo yokushaja ngaphandle kwentambo nezipikha ze-Arkamys.
Intengo:
Renault Duster Zen EDC 4x2 - R489 999
Renault Duster Intens 4x2 - R519 999
Renault Duster Zen 6MT 4WD Mild Hybrid - R549 999
Ayiwufaki uR2 500 we-metallic paint. Ifika ne-warranty yeminyaka emihlanu noma u-150 000km, service plan yeminyaka emithathu noma u-45 000km ne anti-corrosion warranty yeminyaka eyisithupha.