Ziyasondela izinsuku zokwethulwa kweMU-X ethuthukisiwe njengoba i-Isuzu Motors South Afrika isikuqinisekisile ukuthi sekukhona alethiwe kuleli.
I-MU-X ekhona njengamanje nokuyinhlobo yesibili iqale ukudayisa usuyosongwa u-2021.
Okhulumela i-Isuzu Motors South Africa, u-Iviwe Poti, uqinisekise ukuthi entsha izoza kulo nyaka.
"Ukulungiselela ukuthi yethulwe ngokusemthethweni, ama-MU-X ayisibalo esincane njengamanje aseNingizimu Afrika ukuzohlolwa kanzulu," kusho uPoti.
Uthe lezi zimoto zizohlolwa ezimeni ezahlukene ukwenza isiqiniseko sokuthi zisesimeni esilungele iNingizimu Afrika futhi zihambisane nezidingo zamakhasimende.
Ethuthukisiwe ivezelwe amazwe omhlaba ngoJuni nyakenye. Phakathi kwezinto ezishintshile kubalwa ingaphambili elenziwe kabusha nezihlalo nazo zenziwe kabusha kanjalo ne-instrument panel. Kwengezwe nezobuchwepheshe bezokuphepha ezihlanganisa amakhamera aveza umzimba wonke nokulekelela uma upaka.
Injini isafana ingu-3.0 litre turbodiesel enamandla angu-140kW. Yize kungakhulunywanga lutho nge-suspension kodwa kungenzeka ukuthi nayo bathe ukuyithintathinta nokuyingakho beyivivinya kuleli ukuze izohambisana nezimo zakhona.