IMOTO: FORD EVEREST
ZINKULU izinguquko ezenziwe kwiFord Everest entsha engenye yezimoto ebezilindwe ngabomvu eNingizimu Afrika.
Le ngqovungqovu yeSport Utility Vehicle (SUV) iyinyama nakwamanye amazwe kangangokuba abayifunayo bayalinda.
Sekuwumlando ukuthi izinkampani eziningi zinenkinga yokushoda kwesitokwe futhi isikhulu sakwaFord Motor Company Africa Region, uNeale Hill, sithe nakubo yinto efanayo.
Uthe sekunenqwaba esivele ifake i-oda.
“Amathimba ethu akuleli nasemhlabeni jikelele asebenza ngokuzikhandla ukuthumela izimoto emagaraji nakumakhasimende ngokushesha,” kusho uHill.
UHill uthe bebefuna ukungafihli lutho, konke bakuveze obala ngoba iningi lezimoto lizoqala ukutheleka ngasekupheleni konyaka kuya kozayo.
I-Everest ifika ngezinhlobo ezimbili okuyiSport neyokugcina iPlatinum. Izinhlelo zokuletha ezinye zikhona.
Le moto yaziwa njengembangi yeToyota Fortuner ne-Isuzu MUX kodwa konke lokho kushintshile njengoba bethi manje babheke ukuthatha abathengi beToyota Prado noJeep Grand Cherokee L.
Kungenxa yokwenyuka kwezinga layo futhi nentengo isithe xaxa uma uyiqhathanisa neFortuner.
Inkulu kunendala futhi iyagqama. Amalambu angamaLED ngaphambili ahlanganisa nakhanya ubusuku nemini enza ibonakale kahle.
Okunye okusha yinjini engu-3.0L turbodiesel eyi-V6 oyifica kwiPlatinum. Inamandla angu-184kW netorque engu-600Nm.
KwiSport ufica injini ejwayelekile kule nkampani engu-2.0 litre Bi-Turbo diesel. Inamandla angu-154kW netorque engu-500Nm.
Zombili zisebenzisa ugearbox oyi-10 speed ozishintshayo.
Ugearbox ushintsha kamnandi kuzo zombili izinjini. Zithule ngaphakathi yize kwiPlatinum inakho ukuzwela kancane emabhampini ngenxa yamasondo angu-21 inch kanti kwiSport kungcono ngoba angu-20 inch. IPlatinum idonsa ngawo womane amasondo ngaso sonke isikhathi. KwiSport uyakwazi ukushintsha ukuthi ithumele kuwo wonke ngesikhathi ofuna ngaso kuphela ikakhulu uma usuqwala izintaba.
Ukuhamba obhuqwini kwenziwe kwaba lula ngoba igabade isilishiya ngo-229mm.
Ezokuphepha zithuthukisiwe njengoba inama-airbag afinyelela kwayisithupha. Iyakwazi ukuzipaka iphinde izikhiphe esikhaleni ezifake kuso.
Ezinye izinsiza zomshayeli zihlanganisa i-adaptive cruise control, izigcina isemzileni, iyakwazi ukubona isivinini sakulowo mgwaqo bese ihamba ngaso, iyabhreka uma ibona ubungozi uma uhlehla, iyakwazi ukuxwayisa umshayeli ngobungozi obuseceleni nakwinqola ngemuva futhi iyabhreka ukuze ingashayisi phambili.
Ngaphakathi ilayisha abagibeli abayisikhombisa futhi isikhala sesithe ukuba sikhulu.
Inendawo yokushaja ngaphandle kwentambo, izihlalo ezifudumalayo ziphinde ziphole.
Ine-touchscreen infotainment system enkulu ene SYNC® 4 eyenza ukwazi ukuyilawula ngephimbo, ubone inkombandlela, uxhume iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto nokunye. Ukwazi ukuyixhuma neFordPass App bese ukwazi ukuyidumisa ngeselula, uyikhiye noma uyivule, ubheke isimo sayo nokunye.
Intengo:
- Everest Sport 2.0L BiT 4WD 10AT R 965 400
- Everest Platinum 3.0L V6 AWD 10AT R 1 113 100
Intengo ihlanganisa iwarranty yeminyaka emine noma u-120 000km, i-roadside assistance yeminyaka emine ne-corrosion warranty yeminyaka emihlanu.