IMOTO: BMW X3
UKUTHANDWA kwaSport Utility Vehicle (SUV), okanye amaSports Activity Vehicle (SAV) njengoba kwaBMW bewabiza kanjalo, yinto egqame emhlabeni wonke njengoba ukuthengwa kwawo kulokhu kundlondlobale njalo.
Uzokhumbula ukuthi eminyakeni edlule intandokazi yemoto kule nkampani kwakuyi-3 Series kodwa ngo-2023 izinto zijikile sekuba yi-X3. Akuyona imoto edayisa kakhulu kwaBMW emhlabeni jikelele kepha naseNingizimu Afrika yinto efanayo.
Kubukeka kusazoqhubeka kanjalo ngoba entsha, eqale ukufika kumakhasimende ngasekupheleni konyaka odlule, isiqala ukwanda emgwaqweni. Empeleni le nkampani ithi isiyashodelwa yisitokwe sayo, iyanxenxa efemini yayo iPlant Rosslyn ePitoli, ukuthi ibanike.
I-X3 iqale ukudayisa kusukela ngo-2003, futhi bathi sebedayise angaphezu kuka-3.5 million kusuka lapho. Entsha ekhona manje yinhlobo yesine ehluke ngokuningi kunendala.
Isithe ukuba nkudlwana futhi yaba yinde kunala kodwa bayenza yaba mfishane. Ubufishane bathi kusiza ukuthi ingabambeki emoyeni nokusiza ukuthi idle kangcono kuphethroli okanye udizili.
Ishaya nge-grille enkulu ngaphambili ekhanyayo ebusuku uma uthanda kanjalo nama-Adaptive LED Headlights.
Emasondweni inyathela ngamarimu aqala ku-19 inch ayofika ku-21 inch, kuya ngokuthanda nangokukhetha kwakho.
Ngemuva i-X3 M50 xDrive yiyo enezinqawe ezine ezibonakalayo njengoba kwezinye izinhlobo zisithele.
Okuphelelisa ubuhle bazo ngaphandlle yimibala ehlukene okhetha kuyo enhlobonhlobo okubalwa noyintandokazi iBrooklyn Grey.
Ubukhulu bayo ngaphandle nangaphakathi uyabubona. Angiphathi uma uvule okusitha i-panoramic sunroof okhakhayini ukukhanya kungena ngaphakathi uyibone kahle. Angisale sengikutshela ukuthi awusakwazi ukuyivula i-sunroof le ukuze kungene umoya ngoba bathi ucwaningo lwabo luthi abantu abayivuli.
Ibhuthi ingu-570 litres futhi uyakwazi ukunyusa isikhala ngokulalisa izihlalo sibe ngu-1 700. (460 litres kuya ku-1 600 litres kwi-X3 30e xDrive njengoba inama-bhethri).
Ngaphambili ishaya ngeBMW Curved Display okuyi-touchscreen esigqame kahle esihlangana nese-instrument cluster. Ukuba khona kwayo kwenza amabhathini amaningi angabi khona ngoba konke ukwenza kuso.
Kuphinde kube nezihlalo ezingama-sports seats ezishisayo ngaphambili, three-zone automatic climate control, indawo yokushaja ngaphandle kwenzabo, izimbobo ze-USB-C ezine nokunye.
Ngaphansi kwebhonethi kunezinhlobo ezintathu zezinjini futhi zonke zithumela amandla kuwo womane amasondo njengoba zingama-xDrive nje.
Isize kabi i-xDrive sizivivinya sisuka ePitoli sibheke eNorth West kuleli sonto, ngoba imvula ibingazibekile phansi nemgwaqo ushelela kodwa bezibambelela zinika nethemba.
Zonke futhi zino-gearbox oyi eight-speed Steptronic transmission.
Eyokuqala ekwi-X3 20d xDrive ingu-2.0 litre kadizili ene-48V mild-hybrid tecchology enamandla angu-145kW ne-torque engu-400Nm.
Kwendala iyona engangiyithanda ngenxa yokonga kwayo kudizili kodwa manje nginokudideka kancane ngoba sekukhona nengunhliziyombili ehamba ngogesi webhethri nophethroli eyi plug-in hybrid.
Leyo yi-X3 30e xDrive enenjini engu-2.0 litre kaphethroli nekagesi okuthi uma kuhlanganisiwe kukhiphe amandla angu-220kW. Ibhethri leli lingu-197 kWh kanti uma lishajiwe bathi ungahamba u-90km ngale kokuthinta uphethroli. Uyakwazi ukulishaja endlini ngeshaja ejwayelekile njengoba lisebenzisa i-AC charging kuphela ngamandla angu-11kW. Endlini bathi kuthatha cishe amahora ayisishiyagalombili ukuthi ligcwela.
Uma ungahlali kude nasemsebenzini noma nezindawo ojwayele ukuzihamba ungagcina uzisebenzisela ugesi kuphela kodwa ube ukhululekile ngokuthi uma uphela ingena kuphethroli.
Ngenxa yesimo sokushoda kwengqalasizinda yezokushaja kuleli, ngiyibona ingcono kune-iX3 yaphambilini eyayihamba ngogesi kuphela. Izoheha namakhasimende. KwaBMW bathi banethemba lokuthi okungenani u-10% wama-X3 abawadayisayo kube yiyona.
Eyokugcina nokuyiyo enamandla yi-X3 M50 xDrive. Inenjini engu-3.0 litre M TwinPower Turbo eyi six-cylinder inline eneM48V mild-hybrid technology. Ikhafula amandla angu-293 kW ne-torque engi-580Nm. Uma unyathela uyakuzwa ukushesha kwayo njengoba bethi kuyithatha imizuzwana engu-4.6 ukusuka ku-0 iye ku-100km/h. Nokho kumele ukulindele ukuqina kwe-Adaptive M suspension kuyona.
I-X3 bayifake inqwaba yezinsiza zomshayeli nezokuphepha okubalwa kuzo ukuthi isho uma izoshayisa ngaphambili, iyasho uma iphuma emzileni, iyakusiza uma upaka nokunye okuningi.
Intengo:
BMW X3 20d xDrive – R1 136 417.20
BMW X3 30e xDrive – R1 260 000
BMW X3 M50 xDrive – R1 545 446.20
Intengo ihlanganisa iMotorplan, VAT nentela yeCO2.