IMOTO: LEXUS RX 500h F Sport
ILexus RX yiSport Utility Vehicle (SUV) enkulu kanokusho esibe khona iminyaka njengoba yaqala ukwakhiwa kusuka ngo-1998.
Isembangweni wabathengi nezimoto ongabala kuzo iBMW X5, Mercedes-Benz GLE, Jeep Grand Cherokee nezinye.
Ekhona manje yinhlobo yesihlanu neqale ukudayisa eNingizimu Afrika kusukela ngasekupheleni konyaka odlule.
Nayo le yesihlanu, ihlukene ngezinhlotshana eziyisihlanu kusuka kwi-RX 350 kuze kuyoshaya kwi-RX 450h+.
Esihamba ngayo yi-RX 500h F Sport.
Iyabukeka ngaphandle ine-grille entsha enkulu. Ama-headlights ayisibaca futhi inyathela ngamasondo anamarimu angu-21 inch.
Ngaphakathi yinkulu kahle ukwanela umndeni ohlala ngokukhululeka nokudalwa wukunyuswa kwe-wheelbase ngo-60mm yaba ngu-2 850mm.
Nasezikhulwini ezithanda ukuhamba ngamaSUV zingayijabulela ngoba zingahlala ngokukhululeka futhi kunanokusitha ilanga emawindini okanye ukucasha angabonakali umtakabani ozobe ethuthwa.
Okunye engikuthanda ngengemuva layo wukuthi kunendawo yokukhipha umoya ofudumele noma obandayo.
Kunezimbombo ezimbili zokushaja nge-USB futhi izihlalo uyakwazi ukuzifudumeza noma uziqandise.
Sisakhuluma ngezihlalo, uma ubona sengathi isikhala esingu-612 litres ebhuthini asanele, uyakwazi ukuzilalisa ezangemuva.
Lokhu ukwenza ngamabhathini angemuva okanye kwi-touchscreen infotainment system engu-14 inch.
Le-touchscreen yiyona yinto egqamayo uma uyibuka ngaphambili ngoba yinkulu.
Yilapho wenza khona okuningi njengokuxhuma iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto, ubona inkombandlela, udlala umculo ngezipikha ezikhala kamnandi zeMark Levinson, usetha khona amazinga okushisa nokunye.
Njengoba sekungena ubusika nje, isiteringi bengisifudumeza khona nezihlalo ekuseni.
Izindawo zokushaja ngaphambili awuzisweli ngoba kukhona neyokushaja ngaphandle kwentambo.
Ingaphakathi lilonke balakhe laqina, kuyezwakala ukuthi yimoto esezingeni eliphezulu bese kuba ne-panoramic sunroof enkulu ngkwanele.
I-RX 500h inenjini engu-2.4 litre nebhethri elizishajayo. Amandla ayo angu-273kW ne-torque engu-550Nm. Idonsa ngawo womane amasondo ngo-gearbox oyi-6 speed auto.
Okuqaphelayo uma uhamba ngayo wubuntofontofo bayo kwazise ifakwe i-Adaptive Variable Suspension. Amabhampu uwezwa ngendaba, injalo nje ithule ngaphakathi.
Emgwaqweni amandla ayiwesweli futhi no-gearbox ushintsha kahle ngisho usufuna ukudlula enye imoto ngoba amagiya ehla ngokushesha bese nesivinini usithole masinya.
Nasemakhoneni iyabambelela nokusizwa wukuthi idonsa ngawo wonke amasondo.
Kuphethroli ibidla amalitha angu-10.9 ngo-100km nokuyinto ebiqhele kakhulu kuno-6.5l/100km oshiwo kubo kwayo. Isikhathi esiningi kodwa ngisichithe ngihamba edolobheni.
Okungichazile wukuthi uma usezimpambanweni zomgwaqo noma erobhothini, ikuvezela lonke ingaphandle kwi-infotainment system nokungenye yezinto ezengeza ukuphepha.
Okunye enakho wukuthi ikutshele futhi ibhreke uma izoshayisa. Iyasho uma uphuma emzileni nokunye okuningi.
Intengo:
Lexus RX 500 F Sport R1 740 300
Ifika ne-warranty yeminyaka eyisikhombisa noma u-105 000 km ne-warranty yebhethri yeminyaka eyisishiyagalombili noma u-195 000km.