IMOTO: KIA SONET TURBO
IKIA Sonet ingenye yezimoto abantu abantu abafike bayamukela kahle esigabeni samacrossover okanye amaSUV amancane lapho ukuncintisana okudla lubi kuso.
ISonet isempini yokuthi abantu banake yona kunezimoto ezifana neVW T-Cross, Mahindra XUV300, Hyundai Venue, Ford EcoSport nezinye.
Kuso sonke lesi sikhathi iSonet ibinenjini engu-1.5 engenayo iturbo ekubeni iT-Cross inengu-1.0l turbo. IHyundai Venue nayo ikhona eneturbo.
Ukufika kweSonet Turbo kwenza ikwazi ukubanga ngqo nalezi zimoto.
Injini le ingu-1.0 turbo petrol eyi-3 cylinder. Inamandla angu-88kW netorque engu-172Nm. Ugearbox uyi-7 speed.
Kuphethroli ibidla amalitha angu-7.4 ngo-100km nokuyinto engaphezu kweT-Cross yona eyathi ngihamba ngayo yayidla angu-6.5.
ISonet engenayo iturbo yona yayidla amallitha angu-5.9.
Engikuzwile kuyo kodwa wukuthi iphakama ngokushesha ngisho isivinini siphansi.
Emgwaqeni ihamba kahle futhi amasondo anamarimu angu-16 inch anciphisa indlela amabhampu abagibeli abawazwela ngayo.
Icruise control yenza emgwaqeni ovulekile uphumule ekunyatheleni amafutha kodwa ihambe ngejubane olikhethile.
Okuhle wukuthi wena njengomshayeli indawo yokuhlala uyayithola ngoba isihlalo siyakwazi nokuphakama uma kunesidingo.
Endaweni enyukelayo iyazibamba ingahlehli uma usuka, inama-airbag amabili ngaphambili, nekhamera namasensor asiza uma upaka nokungezinye zezinto ezengeza ukuphepha.
Ngaphambili inetouchscreen infotainment system engu-8 inch. Iveza iselula uma uyixhume nge-Apple CarPlay noma nge-Android Auto. Uma ufuna ukushaja kunezindawo ezimbili ze-USB.
Isikhala sikhona ngaphakathi sokuhlala abagibeli abayisihlanu. Ibhuthi ingu-392 litres futhi yilapho isondo eliyisipele elingu-15 inch elifakwe khona.
Intengo:
Sonet 1.0 T-GDI EX+ 7DCT - R389,995
Ifika neservice plan yeminyaka emine noma u-60 000km, newarranty yeminyaka emihlanu ehlanganisa neRoadside Assistance.