IMOTO: HYUNDAI EXTER
Isithelekile eNingizimu Afrika iHyundai Exter okuyiSUV encane engena ngaphansi kweVenue.
Izobanga abathengi nezimoto okubalwa kuzo iNissan Magnite, Chery Tiggo 4 Pro, Mahindra XUV300 nezinye.
I-Exter ilingana neHyundai Grand i10 ngobude ne-wheelbase engu-2 450mm kodwa ithe ukuphakama ukuze ibe yiSUV.
Igabade ilishiye ngo-185mm ukuze ingashayi kalula phansi uma uhamba ezindaweni ezibhedayo.
I-Exter, eqale ukudayiswa e-India nyakenye, ifika kuleli ngenjini eyodwa engu-1.2 litre engenayo i-turbo. Inamandla angu-61kW ne-torque engu-114Nm kanti ku-gearbox ukhetha oyi-5 speed manual okanye ozishintshayo oyi-AMT.
Kwezokuphepha zifakwe ama-airbag ayisithupha namabhreki i-ABS kuthi i-AMT ibe ne-Electronic stability control neHill Start Assist.
I-Premium ifika ne-8 inch infotainment system okwazi ukuyilawula ngephimbo, air conditioning, amabhathini esiteringini, amawindi kagesi nezibuko kanjalo nama-sensor ngemuva.
Kwi-Executive kwengezwe i-cruise control, ikhamera ngemuva kanjalo nesikhumba sokuzakhela esiteringini.
Okuyiyona engumakhonya i-Elite kufakwe i-automatic air conditioning, sunroof nezihlalo ezikhavwe ngendwangu ne-vinyl.
Ngaphandle i-Premium inamakhava angu-15 inch emasondweni kuthi i-Executive ne-Elite zibe namarimu angu-15 inch nama-roof rails.
Intengo:
1.2 Premium Manual - R269 900
1.2 Premium AMT - R294 900
1.2 Executive Manual - R289 900
1.2 Executive AMT - R314 900
1.2 Elite AMT - R334 900
Zonke zifika ne-service plan yeminyaka emithathu noma u-45 000km ne-warranty yeminyaka emihlanu noma u-150 000km bese kwengezwa eyenjini yeminyaka emibili noma u-50 000km.