IMOTO: VW TAIGO 1.0 TSI R-LINE
YIZE iPolo Vivo nePolo kuyizona zintandokazi zezimoto zakwaVolkswagen eNingizimu Afrika kodwa le nkampani ayizibekile phansi ngokwandisa ama-sport utility vehicle (SUV) ayo.
Empeleni ukuthandwa kwePolo Vivo nePolo yinto enhle emnothweni wakuleli ngoba zakhiwa efemini yale nkampani eseGqeberha. Ngasekupheleni konyaka odlule, kuvele ukuthi iVW icabanga ukuthutha kuleli ngenxa yezingqinamba ezifana nokucinywa kukegesi kodwa yinto abayichitha njengamampunge.
AmaSUV akwaVW akhona eNingizimu Afrika ayisihlanu. Lapha ngibala iT-Cross, Taigo, Tiguan, Tiguan Allspace neTouareg.
YiTaigo esihamba ngayo enentengo eqala kuR482 000 egaraji. Thina nokho besihamba ngo “last number” i-1.0 TSI R-Line.
Le moto iqale ukudayiswa ngoJulayi ka-2022, futhi incintisana neFord Puma esanda kwethulwa, Opel Mokka, Hundai Kona nezinye.
Sichithe cishe inyanga nayo sahamba ibanga elingaphezu kuka-2 200.
Kukhona kwiFacebook abebelokhu beyibona ngiyifaka base beqala beshintsha umqondo ngayo ngoba ekuqaleni bebethi abayizwa kahle. Nabahlangana nayo bebeyibuka beyincoma. Angithi uyakwazi ukuyifaka iblack styling package eyenza ukuthi ibe namarimu amnyama angu-18 inch amesha namakhava ezibuko nawo amnyama.
Ngaphambili, ifika namaMatrix LED headlights bese iba namaLED fog lamps ngezansi. Ngemuva nakhona amalambu angamaLED. La malambu enze umsebenzi omkhulu ikakhulu ngoba isimo sezulu besibheda nje. Ngigudla eMthonjaneni naseHillcrest ezindaweni ezinenkungu bengivele ngikhanyise ama-fog ngaphambili ukuze ngibone ngiphinde ngikhanyise neyangemuva ukuze abeza ngemuva bangibone. Vele angikhonzile ukuthi ngishaye ama-hazard uma kunenkungu ngoba uma kwenziwa ngabanye abashayeli kugcina kungidida ngingazi noma umile okanye uyahamba.
ITaigo izishaya sa-coupe njengoba ithe ukuba yisibaca ngemuva.
Ngokujwayelekile izimoto ezakheke ngalolu hlobo zijwayele ukushoda ngasesikhaleni. Lokhu yinto engekho kuyo ngoba isikhala ebhuthini singudedangendlale njengoba singu-440 litres. Empeleni uyakwazi nokuyehlisa noma uyenyuse ikhava efihle isondo elincane eliyisipele. Uma ungenabo abagibeli ngemuva nezihlalo ziyalala kwande isikhala.
Omunye umngani wami obehamba ngeVW T-Roc uze wathi uhalela yona ngoba kuye isikhala sincane kwazise siqedwa nawukuthi idonsa ngamasondo amane.
Nangemuva kwiTaigo akekho noyedwa obekhala ngesikhala. Nokubhoreka yinto engekho ngoba kunezimbobo zokushaja (Type C) ezimbili.
Ngaphambili izihlalo zihlelwa ngesandla nokuyinto enescefana ikakhulukazi uma sekumele ukurufe lapha ngasemhlane.
Ngabathanda ukusika iphiko akwenzeki uma iwindi livaliwe ngoba unqenqema lesicabha luyisibaca. Ngingaze ngikhohlwe, ngiyakuthanda ukuthi wonke amawindi uwathinta kanye nje ibhathini ulidedele bese eyazivalekela.
Ngaphambili ufica i-touchscreen infotainment system egqame kahle. Uxhuma khona iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto, usetha khona imoto nokunye. Uma uthanda umsindo ngingakweluleka ngokuthi uzithuthukise izipikha efika nazo.
Okunye okutholayo yindawo yokushaja ngaphandle kwentambo, izimbobo ezimbili zokushaja nge-USB, izihlalo okwazi ukuzifudumeza ngaphambili kanjalo nento ethandwa ngabaningi, ikakhulukazi ezimotweni zakwaVW i-sunroof.
Wena njengomshayeli ngiyakuthanda ukuthi isiteringi uyakwazi ukusidonsa noma usiphakamise ukuze uzohlala kahle. Ubhekana ne-digital instrument cluster okwaziyo ukuyishintsha ukuthi ikuvezeleni. Lokhu ukwenza ngamabhathini asesiteringini “awumhlobo mdi” kodwa okuyiwona amakhasimende awathandayo. Akuwona lawa athambile owafica kumaGolf nakwiTiguan isikhulu sakwaVW emhlabeni jikelele uThomas Schaefer esathi sizowashintsha sibuyesele amadala.
Zonke izindlela ebengizishaya bengithwalwa yinjini engu-1.0 litre TSI kaphethroli enamandla angu-85kW ne-torque engu-200Nm. U-gearbox uyi-7 speed DSG.
Angiqale ngokuthi ngaphambi kokuthi ithangi likaphethroli lingu-40 litres. Ukuze kuntante isele bekungidla uR968.78. Yinto okumele yehle njengoba nentengo kaphethroli yehlile nje ekuqaleni konyaka.
Ngalo phethroli ngikwaze ukuhamba u-653km ngaphambi kokuthi uphele nya. Kuzo zonke izindlela engizishayile ibuyele emuva idla 6.9l/100km nokuyinto engeyimbi.
Emgwaqweni ihamba kahle kodwa ngicabanga ukuthi enamarimu angu-17 inch ihamba kangconywana emabhampini ngoba isondo lithe ukuba likhulu kanti kule liyisibaca.
Ukukhuphuka ezintabeni zakoMthonjaneni bekungeyona into eyigqilazayo kungakhathelele ukuthi ilayishile noma cha.
Intengo:
VW TAIGO 1.0 TSI R-LINE – R545 200
Ifika ne-service plan yeminyaka emithathu noma u-45 000 ne-warranty yeminyaka emithathu noma u-120 000.