IMOTO: VW GOLF 8 R
Kuyaphela ukulinda ekupheleni kwenyanga njengoba izoqala ukudayisa iVW Golf 8 R osekunesikhathi kukhulunywa ngayo.
IGolf 8 R iqale ukuvela ngo-2020 njengoba isizodayisa kusuka ngo-Ephreli 25.
Izobiza uR912 800.
Inenjini engu-2.0 litre enamandla angu-235kW netorque engu-400Nm. Bathi isuka ku-0 iye ku-100km/h ngemizuzwana engu-4.8.
IGolf 8 GTI ngakolunye uhlangothi, esidayise eNingizimu Afrika kusuka ngo-2021, iqala R 744 200,00. Inenjini engu-2.0 litre enamandla angu-180kW netorque engu-370Nm.
“Izingqinamba ekukhiqizeni nokushoda kwamaphathi kuziphazamise kakhulu izinhlelo zethu zokuyethula kodwa siyajabula ukuthi ekugcineni sizokwandisa izimoto zethu ezinamandla eNingizimu Afrika ngeGolf 8 R,” kusho uSteffen Knapp oyiNhloko yakwaVolkswagen Passanger Cars Brand.
“IGolf 8 R ijoyina iGolf GTI neTiguan R njengezimoto ezinamandla emakethe yaseNingizimu Afrika.”
IGolf 8 R ifika nepanoramic sunroof, amarimu angu-19-inch, adaptive chassis control, izihlalo zesikhumba nokunye. Ongakwengeza yi-Akrapovič R Performance exhaust, Head-Up Display, Harman Kardon sound system, Parallel Park Assist, IQ.Light LED Matrix headlights, Black Performance Package (ehlanganisa i-drift mode, ijubane elinyusiwe eligcina ku-270km/h namarimu amnyama angu-19 inch) nokunye.
Intengo:
Golf R 2.0 TSI 235kW DSG® - R912 800
Ifika newarranty yeminyaka emithathu noma u-120 000km, iMaintenance Plan yeminyaka emihlanu noma u-100 000km ne-anti-corrosion warranty yeminyaka engu-12.