IMOTO: MERCEDES-BENZ V-CLASS
NJENGOBA sekubalwa amasonto ngaphambi kokuthi kube wuDisemba, lapho abantu abaningi bazobe bengena indlela, kwaMercedes-Benz bethule ubutsetse bebhasi iV-Class V300d Exclusive ethuthukisiwe.
Leli bhasi eliyintandokazi nelibuye liteketiswe ngamagama ahlukene lishintshwe kakhulu indlela elibukeka ngayo ngaphandle.
Line-grille egqamile ngaphambili bese iba namalambu angamaLED. Kubhampa inkanyezi yakwaMercedes, imile ayinamathele nokuyinto eyenziwa ezimotweni zale nkampani eziwubutsetse.
Okunye okuyenza yehluke ngamarimu amasha angu-19 inch agqamayo uma uyibuka ngohlangothi bese kuthi ngemuva iphinde ibe nobhampa namaLED lights okwenziwe kabusha.
Kuphinde kwengezwe nemibala emisha emibili osagolide noluhlaza okuyenza ibe yisikhombisa isiyonke.
Ngaphakathi yilapho zibuya khona njengoba inezihlalo eziyisithupha okubalwa nesomshayeli. Izihlalo ziyaphenduka zibhekane futhi kunetafula eligoqekayo. Uma uthanda uyakwazi ukwenza izihlalo zikuwotawote.
Ngaphambili kunama-screen amabili angu-12.3 inch, indawo yokushaja ngaphandle kwentambo, imibala ehlukene ekhanya ngayo ngaphakathi nokunye.
Injini ehamba ngayo ingu-2.0 litre kadizili enamandla angu-174kW ne-torque engu-500Nm. U-gearbox uyi-9G tronic.
Bayifake izinto eziningi ezisiza abashayeli nezokuphepha okubalwa kuzo amakhamera aveza umzimba wonke, active parking assist, Active Lane Keeping Assist, Blind Spot Assist nokunye.
Intengo:
V-Class V300d - R2,254,000
Ifika ne-warranty yeminyaka emihlanu noma u-100 000km.