IMOTO: VOLKSWAGEN T-CROSS
AKUNGABAZEKI ukuthi iT-Cross ingenye yezimoto ezibalulekile kwaVolkswagen kwazise yiyona iSport Utility Vehicle (SUV) yabo encane.
Yinto eyaziwa yiwo wonke umuntu ukuthi imakethe ishintshile manje abantu bayazithandela amaSUV. Umsebenzi weT-Cross wukudoba amakhasimende ukuthi asondele emagaraji akwaVW. Asengawushintsha umqondo uma ethanda esephakathi esebona iTaigo, Tiguan, Tiguan AllSpace (esihamba isikhala sayo sivalwe yiTayron) neTouareg.
Ungadidwa yigama lodobo bese uzitshela ukuthi yimoto yokuheha amakhasimende ukuthi ezobheka ezinye ngoba akunjalo. Kusuka ifika okokuqala ngo-2019 izinga layo lalivele liphezulu kwazise yakhelwe phezu kwesisekelo sentandokazi iPolo.
IPolo lithuthukisiwe ekuqaleni kuka-2022 zonke izinhlobo zafika namalambu angamaLED. Yinto efanayo nakwi-T-Cross ngoba zonke izinhlobo sezifika namalambu eLED kanjalo nama-fog lights. I-grille nayo iyakhanya.
Indlela lama-IQ Matrix LED headlights akhanyisa ngayo yenza ubone kahle ebusuku kodwa engikuthanda kakhulu wukukhanyisa kwayo mawala ngalapho osuke ujikela ngakhona. Ayazidimisa futhi uma kuqhamuka enye imoto ukuze ungamxhophi omunye umshayeli aphinde akhanye kakhulu uma kungenamoto nokuyinto emnandi.
Amalambu nangemuva angamaLED futhi ahlotshiswe kahle ngendlela ekhanyisa ngayo.
Esihamba ngayo bayifake umbala omuhle obizwa ngoClear Blue Metallic. Ikhona neminye imibala emisha egqamayo efana nophuzi.
Ebesihamba ngayo yiR-Line nokuyingakho inyathela ngamasondo anamarimu angu-17 inch abizwa ngamaValencia.
Amarimu aphelisa ubuhle bayo ngaphandle. Uma ujeqeza phezulu ungayifanisa nePolo Vivo yamaSUV ngoba namanje i-sunroof ayikho.
Ngaphakathi ubingelelwa yizihlalo ezibukeka kahle ezibizwa ngama-ArtVelour R-Line seats. Ngike ngazithola ngifisa ngathi esomshayeli sihlelwa ngogesi ngizama ukusilungisa. Ngiyakuthanda ukuthi ngaphansi kwaso kuneshalofu ebengifaka kulo izinto kungena ngisho isikhwama sezibuko zelanga.
Okunye engikuthanda ngengaphakathi wukuvuleka kwayo kwazise ngisho nangemuva bekuhlaleka kunesikhala samadolo ngisho umude. Okunye okuhle wukuthi ngemuva kunezimbobo ezimbili zokushaja nge-USB Type-C.
Isikhala ebhuthini singu-385 litres.
Indlela eyakhiwe ngayo, ikakhulukazi izinga lezi zinto ezisetshenzisiwe iyakunika umuzwa ukuthi uhamba ngemoto esezingeni ehlula izimbangi eziningi.
Bayigaxe i-touchscreen infotainment system egqamayo. Bengixhuma iselula nge-Apple CarPlay ngaphandle kwentambo bese ngidlala umculo ngezipikha ze-Beats. Nokuyipaka bekulula ngoba inama-sensor ngaphambili nangemuva iphinde iveze nengemuva. Yikho obekwenza ngikhohlwe nanebhathini elenza ukuthi izipake ngokuzijikisa yona isiteringi.
Ngiyakuthanda ukuthi kwaVW nangaphambili bafake izimbobo ezimbili zokushaja nge-USB base bebhansela ngeyokushaja ngaphandle kwentambo.
Emgwaqeni iT-Cross ihamba ngenjini kaphethroli engu-1.0 litre turbo kaphethroli. Inamandla angu-85kW ne-torque engu-200Nm futhi ifakwe u-gearbox oyi-7 speed DSG.
Ithangi layo likaphethroli lingu-40 litres okuyinto ebingidla ngaphezulu kancane kukaR900 ukuyigcwalisa. Uma kuntanta isele ibiveza ukuthi ingahamba-650km ngaphambi kokuthi iphele kodwa ngingakutshela ukuthi ngihambe u-723km ngetha isiveza ukuthi isengahamba omunye u-10km.
KwaVolkswagen bathi idla u-5.6l/100km kodwa kimi ngike ngayibona iveza ukuthi idla 4.8l100km. Ngemuva kokuhamba u-2233km edolobheni, elokishini, emakhaya nasemgwaqeni ovulekile ibidla u-6.4l/100km nokuyinto enhle.
Emgwaqeni ihamba kahle njengoba ingazweli kakhulu futhi ithule kahle ngaphakathi. Ngithe ngibheke eNkalane ngihamba obhuqwini ngazizwa ngikhululekile ngenxa yokuphakama kwayo.
Ngiyakuthanda futhi nokuthi inenqwaba yobuchwepheshe obusiza umshayeli futhi obuqinisekisa nezokuphepha.
Ngibala i-adaptive cruise control, iyabhreka uma izoshayisa, iyasho uma kunemoto eseceleni, iyasho uma usukhathele nokunye.
Intengo:
T-Cross R-Line 1.0 TSI 85kW DSG - R533 100
Ifika ne-service plan yeminyaka emithathu noma u-45 000km ne-warranty yeminyaka emithathu noma u-120 000km.