Isikhulu sakwaVolkswagen uThomas Schaefer sidalule ukuthi le nkampani ayikho ezinhlelweni zokwakha enye iGolf enenjini kaphethroli.
USchaefer utshele iphephandaba lezimoto i-Automobilwoche ukuthi iGolf 8 yiyona eyokugcina futhi okulindeleke ukuthi ithuthukiswe ngonyaka ozayo.
“Ngalokho imoto izoqhubeka kuze kuhlangane iminyaka engu-10 (2030). Sizobe sesibona ukuthi isigaba ekuso sithuthuka kanjani. Uma umhlaba ushintsha ngendlela ehlukile kunesilindele ngayo ngo-2026 noma ngo-2027, singase senze imoto entsha kodwa angiboni ukuthi kuzoba njalo. Okwamanje lokho akulindelekile,” kusho uSchaefer.
Le nkampani ihlela ukuligcina igama leGolf ukuze lisebenze emotweni yangomuso ezobe inenjini kagesi futhi izinkomba zalokhu zithi kungase kube wu-2028 ngokusho kukaSchaefer.
Usanda kutshela i-Autocar ukuthi inkampani ifuna amagama ayo anomlando njengeGolf aqhubeke abe khona ngisho sekungenisa izimoto zikagesi.
“Sinamagama anomlando njengeGolf neGTI. Kungaba wubuwula ukuwayekela afadalale. Sizoqhubeka nama-ID kodwa izimoto ezinomlando zizoqhubeka negama,” kuchaza uSchaefer.
Uthe kungenzeka babe nemoto ebizwa nge ID Golf egcizelela ukuthi ngeke baliyeke igama leGolf.
IVolkswagen ihlela ukuthi u-80% wezimoto ezidayisa e-Europe kube ngezihamba ngogesi kuthi eNorth America kube wu-2030 ngo-2030.
Ifuna ukuthi emhlabeni jikelele kube wu-50% ngaleso sikhathi.
Le nkampani izokwethula izimoto ezihamba ngogesi ezintsha ezingu-10 ngaphambi kuka-2026.